
Mmaditaba
Embhalweni echaza ukuthi kungani enyamalele ezinkundleni zokuxhumana, umculi wase-Limpopo uSho Madjozi uthi akakhulelwe kodwa ubedinga isikhathi ukuze abhekane nezinkinga zebhizinisi.
Lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ethi, “Dumi Hi Phone” uthe uthole ukuthi abantu ababili bethimba lakhe “bebentshontsha futhi benza yonke into ukumvimbela amathuba.” Ukulungisa isimo, kudingeke ukuthi ashintshe bonke abaphathi bakhe.
“Ngibonga wonke umuntu obelokhu engibheka, bengimatasa ngibheka izinto ezithile futhi bekudingeka ukuthi ngizinike isikhathi,” kusho yena eqala umbhalo wakhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngithole ukuthi kwithimba lami kukhona abantu ababili abebentshontsha futhi benza lonke uhlobo lwento embi ukungivimbela amathuba. Ezinye zezikhali ebezakhelwe mina beziphumelela kancane hheyi,” eqhuba.
“Bekubuhlungu kodwa ngikhathele ukuhlala ngiphatheke kabi ngakho.”
Uqhube wathi usebashintshile abaphathi bakhe waveza nokuthi usematasa ngengoma entsha.
Lesi sihlabani siphinde sakhuluma ngamahlebezi okuthi akasazihlanganisi nezinkundla zokuxhumana ngenxa yokuthi ukhulelwe, kodwa uwaqedile lawo mahlebezi ethi ” angikhulelwe.”
Wabelane ngengoma entsha ebilindelwe ngabomvu ngevidiyo yomculo afakwe kuyo. Ividiyo ngeyengoma ethi “Kunjani” kaNandy afake kuyo uSho.