UMbhele weTheku uphika eyokuqashwa ngomusa kaPG Mavundla

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Imenenja kamasipala weTheku uMnuz Musa Mbhele ikuchithe ngazo zombili okushiwo owayeyiphini le Meya kulo mkhandlu ukuthi waqashwa ngomusa wakhe ngoba ayengamfuni amakhansela kaKhongolose.


UMbhele ubekhuluma kwisithangami ebesihlelwe iXubera Institute for Research and Development eHillcrest ngoLwesine ebusuku.
Kulesi sithangami ubephendula izinkulumo zikaMnuz Philani PG Mavundla ngokwedlule kulesi sigcawu sokucobelelana ngolwazi ukuthi ukuxoshwa kwakhe eThekwini kwenzeka ngemumva kokuba ayelwela osonkontileka ukuba bakhokhelwe futhi nguye owasiza ukuba kuqashwe uMbhele ngoba wayengafunwa.

“Ngiyafisa ukukucacisa lokhu ukuthi mina angiqashwanga uMavundla kodwa wayeyingusihlalo wekomiti elangiqasha ngokwesekwa amakhansela okuhlanganisa nawe-ANC. Ngiyaxakeka uma esethi ngaqashwa ngozwelo lwakhe ngoba amakhansela ka-ANC ayengangifuni. Akulona neze iqiniso lelo,” kuchaza uMbhele.
Kulesi sithangami ebesishubile uMbhele utshele abanye bosomabhizinisi abamsola nokugweva nenkokhelo yabo nokuthi ukhetha izinkampani zabaseNdiya kuphela, wathi akulona iqiniso lelo.

“Mina angikwesabi mfanakithi futhi ngifuna ukukucacisela ukuthi lokhu okushoyo akulona iqiniso. Wena wasebenza eseyiMenenja eThekwini uSipho Nzuza. Kodwa uma ungasakhokhelwa usulwa nami ngaphandle kwesizathu. Ngisho uNzuza lona othi waqashwa iTheku ngaphansi kwakhe uyakuphika futhi nawe uyakwazi lokho ,nansi nemiyalezo nginobufakazi balokho. Ngakho angiyithandi lento yokungisukela ukhulume ngami ngento engekho nawe futhi oyazi kahle ukuthi ayikho,” usho kanje.

UMbhele ubevutha ngolaka esebhekene ngeziqu zamehlo nomunye wosomabhizinisi obesesabisa nangokuduba lesi sigcawu ,sebekhombana nangeminwe ngoba ethi iTheku alifuni ukumkhokhela ngomsebenzi wakhe awenza ngonyaka ka-2017.

“Ngangikuphi mina lapho ngonyaka ka-2017 ngoba ngaleso sikhathi kwakusekhona uNzuza?,” kubuza uMbhele.

Izihloko zakamuva