Umama wasePhilippi usethathe isinqumo sokubiza i-SPCA njengoba ukudla kwezinja sekubiza kakhulu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UNomsa Ntonganto wasePhilippi uchitha imali engaphezu kuka-R730 ngenyanga ethengela izinja namakati akhe, upheka uphuthu nezingingila uma ukudla kwezinja sekuphelile.

I-SPCA ithi ayisoze yaxosha isilwane futhi izoqoqa izilwane ezifuywayo kubanikazi abangasakwazi ukumelana nazo. Inamba abatholakala kuyo ku-WhatsApp 021 700 4140.

UNomsa Ntonganto akavele athenge ukudla kwezinja. Uma isikhwama siphela ngaphambi kokuphela kwenyanga, uyapheka. Uphuthu nezingingila, kudliwa izinja eziyisishiyagalombili emzini wakhe wasePhilippi.

Ubekwenza lokho esasebenza ekhulisa izingane zamantombazane ezimbili eyodwa isenkulisa enye isesikoleni samabanga aphansi ethumela imali yokondla indodana yakhe ehlala nogogo wayo futhi esiza logogo ngoba isalukazi sihlala sodwa sidinga umuntu.
Manje useshayela i-SPCA.

“Angigcini ngokuthengela umndeni wami igilosa kodwa ngithengela nezinja zami namakati,” kusho uNtonganto.
“Intengo yegilosa nokudla kwezinja yenyukile.”

Nyanga zonke uchitha u-R540 nangaphezulu ngokudla kwezinja, u-R110 ngokudla amakati no-R80 we-shampoo yezinja. Lokho kungu-R730 ngaphambi kwesidlo sophuthu nezingingila. Unezinja eziyisishiyagalombili nekati, zonke ziyaphakelwa, zigezwe futhi zilala ngaphakathi ngezingubo zokulala ezihlanzekile.

Akafuni ukuzidayisa, umakhelwane wake wamtshela ngakho, kodwa uNtonganto wathi cha. Usebonile ukuthi kwenzekani ngezinja ezidayiselwa umuntu ongafanele.

“Ngiye ngilimale uma ngibona abantu bephatha izinja kabi,” kusho yena.
“Zidinga uthando hhayi ukuphakelwa ukudla okubolile.”

Ufuna i-SPCA ithathe imidlwane emine kweyisithupha imshiye nezinja ezine. Uyazi ukuthi ngeke akwazi ukuzigcina zonke. Naye uyazi ukuthi ngeke azinike umuntu ongenandaba.

UNksz Belinda Abraham, obhekelele ezokuxhumana eCape of Good Hope SPCA, uthe bayakuqonda ukuthi kungani abantu basemalokishini bethatha izilwane, futhi ngeke bahlulele noma ngubani ofuna ukuletha inja.
“Asisoze saxosha noma yisiphi isilwane, futhi sizosilanda uma kunesidingo,” kusho u-Abrahama.

“Umyalezo wethu kubanikazi bezilwane ezifuywayo abadonsa kanzima ulula: finyelela kithi kusenesikhathi.”

Ukuze unikele ngesilwane esifuywayo noma ucele usizo, thumela umyalezo ku-WhatsApp ku-021 700 4140. Iminikelo yezindleko zikaphethiloli yamukelekile kodwa ayidingeki.

Esithombeni esingenhla: Izinja zikaNomsa Ntonganto emzini wakhe ePhilippi, eKapa. Ucela i-SPCA ukuthi ithathe imidlwane yakhe emine kweyisithupha njengoba ukunyuka kwezindleko zokudla kwenza kube nzima ukuyigcina yonke.

Umthombo wesithombe: Nomsa Ntonganto

Izihloko zakamuva