Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iqalaphansi impi yesihlalo sabaBolabedu njengoba kusolwa owayenguSotswebhu kaKhongolose ePhalamende ngokugweva neNdlovukazi yeMvula uMasalanabo Modjadji VII.
Lokhu kulandela incwadi ebhalwe ubabekazi weNdlovukazi uModjadji, okunguDkt Tebogo Mokope Modjadji-Kekana nalapho esola khona uSolwazi uMathole Motshekga ngokuphendula iNdlovukazi ingane nanokuyilawula ekubeni ingasekho esandleni sakhe ngokwesigaba somthetho wokugadwa kwezingane kuleli ngonyaka ka-2005.
“Esikubonayo ukuthi uSolwazi Matshekga akafuni namanje ukudedela iNdlovukazi ukuba ihole isizwe sayo ngokukhululeka. Kunalokho usagweve nayo uyivalela njengengane encane esebenzisa umkhandlu wakhe wasehlathini okuthiwa iMaulwe Royal Court ukuze afeze izinhloso zakhe. Sithi manje sekwanele ngoba lesi sihlalo akusisona esendoda thizeni kodwa esokhokho besizwe saBalobedu. Ngakho uma eqhubeka nokugila lemikhuba,sizothatha izinyathelo zomthetho,” kusho uDkt Mokope Modjadji-Kekana.
Uthe uhlaka olusemthethweni ukuba luxoxe noma luphawule ngezindaba zeNdlovukazi, iRain Queen Modjadji Foundation eholwa.
UMotshekga ukuchithe ngazo zombili okushiwo iNkosazana yakwaModjadji,wathi inkinga yayo isebenzisa ubuqola futhi neNdlovukazi ayiyazi naleyoFoundation ukuthi ekabani ngoba yona ayikayisunguli.
“Loyantombazame udlala umzwangedwa nobuqola ngoba lokhu akushoyo akulona iqiniso. INdlovukazi isikhulile,ineminyaka engu-21, ayisekho ngaphansi kwesandla somuntu. Okunye isihlonzwe njengoesihlalweni ngokusemthethweni. Akugcini lapho iyafunda kanti nokwenza ihlale nomndeni wami eGoli,” usho kanje.
Uqhuba uthi iNdlovukazi ayiceli kumuntu uma kufanele ithathe isinqumo kodwa izithathela yona ngokufanele kwenzeke esizweni sayo.
Uveza nokuthi inanehhovisi layo elisesigodlweni esiseBolabedu.
UMotshekga uthi uma kunokufaka isandla, kuba umkakhe olekelela ngezokuphepha ngokwesikhundla sakhe sokuba uNgqongqoshe wezokuVikela.
Uthe iNdlovukazi ayinaso isikhathi sokulwa nalo muntu ngoba inemisebenzi ebalulekile okunele ibhekane nayo yesizwe kanye nokusungula iFoundation yayo,hhayi lena abatshelwa ngayo.
