ULira ukhuza ibuya kwezomculo

Farida Joyce

ULerato Molapo, odume ngelikaLira, ufake ividiyo ekhasini lakhe laku-Instagram ngempelasonto ezilolonga ne-Mzansi Youth Choir.

Uphinde wanikeza isibuyekezo sezempilo ngokululama kwakhe ngemuva kokuhlaselwa isifo sohlangothi ngoMbasa.

Yize enenkinga yokukhuluma, lo mculi ophinde abe umbhali wezingoma uthe usakwazi ukucula.

Uthe usezizwa engcono. Kule vidiyo ubonakala ecula neqembu lomculo elinethalente i-Mzansi Youth Choir, ngaphansi kombhalo othi, “nginenkinga yokukhuluma kodwa ngisakwazi ukucula”.

Izindaba zakhe zokuphathwa isifo sohlangothi ezinyangeni ezine ezedlule zithuse izwe lonke.

Esitatimendeni esithunyelwe enkundleni yakhe yezokuxhumana, uLira uthe uke wahlaselwa isifo sohlangothi ngesikhathi ecula e-Germany kodwa kuye kwadingeka ukuthi abuyele kuleli ukuze azolulama.

Ezinyangeni ezintathu zokwelashwa, oyijaji kwi-The Voice SA uveze ukuthi usefunde kabusha ukukhuluma, ukufunda kanye nokubhala. Uphinde wazwakalisa ukubonga kubalandeli bakhe.

Lo mculi ubhale wathi, “Sengiyakwazi ukukhuluma manje, nakuba ngidinga isineke esincane. Ngiyakwazi ukufunda nokubhala.

“Uthando oluningi engilitholayo lungenza ngifikelwe izinyembezi. Ngenza kahle kakhulu! Ngiyibonga kakhulu imithandazo yenu.

“Sengiluleme khona akufani, ngiyaziqhenya ngami futhi ngibonga uNkulunkulu.”

Umthombo wesithombe: @CapeTownETC

Izihloko zakamuva