Ulindwe ngabomvu owokuqala wesizini entsha yePremier Soccer League

Lubhalwe nguMichael Madyira

IMamelodi Sundowns neSekhukhune United bazoqala isizini ye-Premier Soccer League ka-2023/24 uma sebedudulana enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba namhlanje.

Sekuphelile ukulinda ukuqala kwesizini entsha njengoba iSundowns izobhekana neqembu elidlale kowamanqamu we-Nedbank Cup ngesizini edlule.

ISundowns izolwela ukuvikela isicoco se-Premier Soccer League nokuthatha irekhodi lokuwina isicoco seligi sesikhombisa kulandelana.

Ngemuva kwemidlalo ematasa eyandulela isizini yokuzilolonga e-Netherlands, iSundowns izobe ihlose ukuqala ukuvikela isicoco ngenothi elihle.

Bazobhekana neSekhukhune ebingenzi lutho emidlweni eyandulela isizini entsha elibenze baqagela ukuthi yini okufanele bayilindele.

Okwenze umdlalo wangoLwesihlanu ube nzima kuSundowns ukuthi izobhekana neqembu eliqede isizini edlule lihambela phezulu ngemuva kokuchitha isikhathi eside lilwa nokugawulwa yizembe.

“Uma ubhekene neqembu eliqede kwayisishiyagalombili ahamba phambili, ubhekene neqembu elingene kowamanqamu wendebe yasekhaya [Nedbank Cup] singavele sicabange ukuthi sibhekene neqembu elisefomini enhle,” kusho owayengukaputeni weSundowns uTeko Modise.

“Uma bejabule bayakwazi ukubona ikhono eqenjini abanalo futhi lokho kusho ukuthi sibhekene neqembu okungenzeka lizame ukulwa kanzima.”

ISekhukhune isayinise umdlali wasemuva uJamie Webber obekwiSuperSport United, unozinti uRenaldo Leaner obekwiMaritzburg United kanye noSiphesihle Mkhize obedlalela iMamelodi Sundowns.

Nakuba iSekhukhune singazange sibonakale kakhulu emakethe yokudayiselana ngabadlali uma siqhathaniswa neSundowns sigcine isiko lado lokusayinisa abadlali abakhulu okubalwa nowayengukaputeni weSundowns uHlompho Kekana nokuyinto egcizelele ukuthi ngeke kube lula.

“Kuzoba umdlalo onzima emaqenjini amabili azodlala umdlalo wokuqala wesizini ngoba wonke umuntu uzobe ewubukele lo mdlalo,” kusho uKekana.

“Abadlali bayazi emiqondweni yabo ukuthi lona umdlalo esingeke sikwazi ukuwuthatha kancane ngoba yiwona ozosihola isizini yonke.”

Ngaphandle kwemidlalo yasekhaya iSundowns neSekhukhune bazobamba iqhaza emiqhudelwaneni yezwekazi kule sizini.

Esithombeni esingenhla: IMamelodi Sundowns izilolonga ngaphambi komdlalo wayo neSekhukhune

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva