Ukuwina umdlalo akuphelelisile

Lucky Sithole

Kuningi okwabhalwa ngumqeqeshi we-American National Football ezincwadini zakhe. 

UVince Lombardi, owathathwa ngeminyaka yango-1960 njengomunye wabaqeqeshi abahamba phambili, waqhamuka nenkulumo ethi, “ukuwina akuyona yonke into,”. Njengomqeqeshi we-Green Bay Packers, uthathe ulwazi lwakhe wabeka ezemidlalo kwelinye izinga.

Wabuye wabhala nenani lezincwadi – phakathi kwazo kukhona ethi-“What it Takes to be #1” nekhuluma nge-The Lombardi Rules” eziphetha ngokuthi uma ungeyena owokuqala uyisahluleki. 

Kwakuyisiqalo sesikhathi esinesihluku ikakhulukazi kwezemidlalo; uyawina noma uyaxoshwa. “I-Lombardi Way’’ yangena ebhizinisini lapho kungekho lutho olubalulekile ngaphandle kokuba phambili.

Ngenhlanhla, kwi-21st Century, kuye kwavela indlela ehlukile. Izihlabani zezemidlalo eziningi sezize zahamba, zathi kukhona okungaphezu kokuwina isibonelo, umdlalo wethenisi noma umqhudelwano wegalofu.

U-Ash Barty, owathatha umhlalaphansi njengomdlali wethenisi wesifazane obekwe phezulu emhlabeni, uthe ngemuva kokuwina i-Wimbledon, wanquma ukuhoxa ngemuva kokusebenza kanzima “impilo yakhe yonke ukuze athole igoli elilodwa”.

Esontweni eledlule amaqembu esizwe aseNingizimu Afrika ahlukumezekile ukuhlulwa.

E-Hagley Park, e-Christchurch, e-New Zealand, iqembu lekhilikithi labesifazane lama-Proteas likhishwe iqembu lase-England elidlale ikhilikithi engcono futhi elingakaze libukeke sengathi lizohlulwa. Kodwa lokho akubavimbanga abadlali baseNingizimu Afrika ukuthi banikele ngakho konke abebenakho kwaze kwaphonswa ibhola lokugcina.

Nakuba bekwamukele ukuhlulwa, kodwa kusobala ukuthi bebengakulindele lokho. Bebezele ukuzowina. Ngakolunye uhlangothi iBafana Bafana idlale ne-France enkundleni yase-Pierre Mauroy, e-Lille. Nokho uma ngikhuluma iqiniso kufana nokuthi baphume bangena enkundleni akukho okunye. 

UHugo Broos wayecele imidlalo eminingi yokuncintisana kunokudlala ne-Botswana kanye ne-Lesotho, wathi uma benqoba noma behluliwe bazofunda kulo mdlalo.

Akugcinanga ngokuthi bahlulwe ngo 5-0 kodwa nendlela iqembu lase-France ebelidlala ngayo kwenze indlela abahlulwe ngayo yaba ihlazo. 

Iyona nto ebaluleke kakhulu eyenziwa iBafana ngesikhathi uKhuliso Mudau ethola ikhadi elibomvu ngokunyathela unyawo lomdlali wase-France.

UBroos uthe ngemuva komdlalo: “Sizame konke okusemandleni kodwa namuhla ithalente leqembu belilikhulu kakhulu. Asinamahloni ngalo mugqa wamaphuzu”.

Uzame konke okusemandleni akho, Mnu uBroos? awunawo amahloni?

Ama-Proteas ashaywe i-England, iBafana Bafana yashaywa i-France. Iqembu elilodwa lalwa kwaze kwaba elokugcina, elinye lalala phansi lahlulwa ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.

Ungaqagelake ukuth yiliphi lelo qembu.

Yini angayifunda uBroos kulo mdlalo? Akukho okuningi. Nokho, angase acabange esinye isisho seminyaka yama-60s esithi: “Ngibonise isahluleki, mina ngizokukhombisa isahluleki sangempela.”

Scrolla World Cup Quiz