Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
● Idolobha lase-Tshwane livala izindawo zokuwasha izimoto ezingu-42 ezingekho emthethweni e-Mamelodi ezimosha amanzi endaweni.
● Idolobha lithembisa ukusiza abanikazi bamabhizinisi ukuthi babhalise kahle futhi baphinde bavule amabhizinisi abo ngokusemthethweni.
Idolobha lase-Tshwane litshele izindawo zokuwasha izimoto emalokishini ukuthi azivalwe, lithi kungezinye zezizathu ezinkulu ezenza ukuthi izindawo zamanzi ezakhele indawo zingabi namanzi.
Umasipala usebenzisa amaphoyisa kaMasipala kanye nawase-Gauteng ukuvala izindawo zokuwasha izimoto ezingekho emthethweni ezisebenzisa amanzi amaningi, ikakhulukazi e-Mamelodi lapho izakhamuzi zivame ukungabi nawo amanzi.
IPhini likaSotswebhu emkhandlwini wase-Tshwane, uCollen Marishane, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathole inkinga ngesikhathi behlola amanzi.
Yize bevala amanzi kusukela ngo-10pm kuya ku-6am ukuze bonge amanzi, amadamu agcina amanzi acishe asale engenalutho phakathi namahora ambalwa evuliwe futhi.
“Ngesikhathi sibhekisisa senza namabhalansi, sithole ukuthi ezinye zezinkinga ezinkulu izindawo zokuwasha izimoto. Inkinga ngalawamabhizinisi amancane ukuthi awekho emthethweni, awanawo ama-metre futhi awakhokhiswa imali. Amanzi awasebenzisayo aholela ekutheni idolobha lilahlekelwe amanzi amaningi,” usho kanje.
IDolobha selihlonze cishe izindawo zokuwasha izimoto ezingu-42 e-Mamelodi iyodwa nje kuphela okumele ziyeke ukusebenza. Lezo ezingeke zenze esikushoyo nazo zizovalwa ngenkani.
Kodwa likhona ithemba kubanikazi bezindawo zokuwasha izimoto. UMarishane uthe idolobha lizobasiza ukuthi babhalise ngendlela efanele ngoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kamasipala.
“Sizophinde silethe noMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, oweMigwaqo nowezokuThutha nokaGesi ukuze uzokweluleka ngokuthi bangakwazi kanjani ukuqhuba amabhizinisi abo ngaphandle kokulimaza ingqalasizinda,” usho kanje.
Izindawo zokuwasha izimoto kumele zihlale zivaliwe kuze kube abanikazi bazo balandela imigudu efanele yokubhalisa amabhizinisi abo.
Esithombeni esingenhla: Ukuwashwa kwezimoto kuvaliwe e-Mamelodi.
Umthombo: Sithunyelwe
