Ukugcina isiko ngomculo kaMaskandi

Everson Luhanga

UBrian uthe umculo uyikhambi elilapha futhi livuselele umphefumulo womuntu.

Futhi umculo wesintu ukhumbuza abantu ngemvelaphi yabo.

UBrian ungumholi weqembu lomdanso wesintu kaMaskandi elibizwa nge-Pillars of the New Generations Artist Project ezinze edolobheni elingaphakathi eGoli.

“Silapha abantu ngomculo nangomdanso wethu. Ngithole ukuthi umculo uyindlela engcono yokufundisa abanye abantu, ikakhulukazi intsha ngesiko labo,” kusho uBrian.

Uthe abantu bangaphansi kwengcindezi kwezomnotho nakwezenhlalo ngenxa ye-Covid-19.

“Ngokunandisa kwethu abantu, sizama ukubenza bajabule futhi sibenze bahleke,” kusho uBrian.

UBrian wengeze ngokuthi, leli qembu liqale ngonyaka wezi-2017 futhi sebehambe izwe lonke benandisa abantu.

Uthe bakhethe umculo kaMaskandi ukugcina amasiko.

“Abantu abaningi, ikakhulukazi intsha, iyayikhohlwa imvelaphi yayo. Sebethathwe ukubukela nokudansa umculo waseNtshonalanga, obenza bakhohlwe ngamasiko abo.”

“Kumnandi ukujabulela ezinye izinhlobo zomculo ngoba ukwehluka kuyisinongo sempilo. Kodwa silapha ukubakhumbuza ukuthi bangamaAfrika futhi kumele badansele umculo wabo wesintu,” kusho uBrian.

Ubuye wathi leli qembu lizoqopha i-albhamu yalo yokuqala kungekudala.

“Besilokhu sisiza abaculi abaningi abasebasha ukuba baqophe umculo wabo wesintu kwilebula yethu yokuqopha.

“Sizophinde siqophe eyethu i-albhamu ukunikeza ithuba abanye abantu abangakwazi ukusibuka bukhoma,” kusho uBrian.

Izihloko zakamuva