Ukhuza uyababaza uBheki Cele ngamahlebezi okushaya ibuya ebuholini be-ANC eThekwini Region

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ObenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ukhuze wababaza ngamahlebezi okuthi kungenzeka ashaye ibuya kupolitiki yaseThekwini eyamchitha wenaba ngesikhathi eketulwa uMnuz John Mchunu.

UCele obexoxa neScrolla.Africa ngoLwesihlanu uthe yena akazi lutho ngalolu daba futhi akekho umuntu oseke weza kuye ezomcela ukuba abuye.

“Hhawu ukhuluma ngani manje? Awuthi ngikutshele mina angazi lutho ngalokho okubuzayo futhi akekho umuntu oseke wathi kimi angizohola iTheku,” kusho uCele.

Ukusho lokhu nje ayanda amahlebezi okuthi uCele uthwelwe ngeqoma ukuba azohola isigungu sesikhashana seTheku ngemumva kokuthi ubuholi bukazwelonke bungagculisekanga ngethumba lesikhashana ebelikhona.

UCele kuzokhumbuleka ukuthi ukewalihola iTheku ngesikhathi lisahlonishwa njengoba laliyisiFunda esikhulu kunazo zonke kuKhongolose nelalithatha izinqumo ezingqungqutheleni kusuka kweyesiFundazwe kuya kwekazwelonke.
Ngaleso skhathi yilo elabangumbeki weNkosi ePolokwane mhlazane kukhethwa uMnuz Jacob Zuma engqungqutheleni eyayingonyaka ka-2007.

Ngemumva kwalokho uCele wabanguNgqngqoshe wezokuThutha eKZN nokuyilapho uMnuz John Mchunu owayenguNobhala wathola khona ithuba lokupheka itulo lokuketula uCele njengosihlalo weTheku.

Izihloko zakamuva