Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Owesilisa oboshwe eMnambithi ngempelasonto ngecala lokushayela ephuzile, ukhale ngabangani bakhe abasole ngokuthi bamuphuzise ngenkani ekubeni ebesebuyeke izinsuku eziyisikhombisa utshwala.
Lo msolwa uyingxenye yabashayeli abangaphezulu kuka-60 ababoshwe ngamacala okushayela bephuzile eMnambithi kusuka ngoLwesihlanu kuyakuMgqibelo.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uMnuz Ndabezinhle Sibiya uthe kulaba lo mshayeli, ubanjwe ngaphansi komkhankaso obizwa ngokuthi #NenzaniLaEzweni obuyingxenye yezivimbamgwaqo zamaphoyisa obuqhubeka eMnambithi.
“Lo msolwa uvele wabalisela amaphoyisa wathi yena ubesebuyekile utshwala futhi besekuphele izinsuku eziyisikhombisa engabuthinti nhlobo utshwala. Kodwa ubenebhadi lokuthi abangani bakhe bavele bamhlohla bathi akaphuzi nobesekuzoba usuku lwesishiyagalombili (8) engabuthinti ukube akaphuzanga,” kusho uSibiya.
Abashayeli abebeboshwa kubalwa umphathi wenkampani yabangcwabi, odokotela ababili, amasosha amathathu,othisha abathathu,abesifazane abane,abashayeli abathathu bamatekisi abegcwele phama, umakhenikha kanye noplumber.
Selokhu kuqale lo mkhankaso uSibiya uthi sekuboshwe abashayeli abangaphezulu kuka-61 000 sebebonke kusuka ngonyaka owedlule ngoNcwaba.
Njengoba lo mkhankaso uqhubeka, ziningi izimanga ezenzakalayo abantu uma beboshwa.
EThekwini omunye wazicelela ukuthi bamubophe esitokisini esiseduze kolwandle ukuze azibukele amagagasi.
ENewcastle kuboshwe emasontweni edlule umkhonyana noyise belibangise emshadweni wayo indodana nokwase kusele imizuzwana bafike.
Lokho kwaphoqa ukuba umshado ubhuntshe ngemizuzwana yokugcina umkhonyana esebhadle esitokisini.
