Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umqeqeshi uHugo Broos ubize uLyle Foster ngevila ngemuva kokuthi lo mgadli egeje amathuba amakhulu ngesikhathi bedlala ngokulingana nePanama ngoLwesihlanu.
URonwen Williams uthi abalandeli kufanele babekezele ngoba lo mgadli usebenza kanzima ngesikhathi iqembu lakhe lase-England lilwela ukuthola imiphumela.
Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, usecele abalandeli bakhe uLyle Foster. Lo nozinti (34) umile ngakulo mgadli ngemuva kwesonto elinzima neqembu lesizwe.
Umqeqeshi uHugo Broos ubengeneme ngoFoster ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 nePanama ngoLwesihlanu. Lo mqeqeshi ubize ukudlala komgadli ngobuvila ngemuva kokugeja amathuba amabili amahle okunqoba umdlalo.
UWilliams akahambisani nomqeqeshi. Uthi abantu kumele bayiqonde ingcindezi uFoster angaphansi kwayo. UFoster udlalela iBurnley yase-England, kodwa iqembu lakhe lisemsileni weligi.
Lo mgadli uphinde waphuthelwa yi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka odlule ngenhloso yokubheka impilo yakhe. Yize eseke walishaya igoli ebuyile kodwa usezabalaza ngokuthola inethi manje.
UWilliams uthi uFoster ungumdlali onzima futhi onakho okudingekayo ukuze adlale ezingeni eliphezulu. Ukaputeni uthe usibhekile lesi sihlabani ukuze asisize, kubika iNews24.
UWilliams uthe: “ULyle ungumfana ozimisele. Awudlali ku-English Premiership iminyaka eminingi kangaka uma ungenalo izinga.”
Lo kaputeni uthe uFoster usasebenza kanzima eqenjini noma engashayi amagoli. Ukholwa wukuthi lo mgadli udinga igoli elilodwa nje ukuze abuyise ukuzethemba.
UWilliams uncome uFoster ngokubonakala nsuku zonke enesimo sengqondo sobungcweti. Utshele izwe ukuthi leseke uFoster ezikhathini ezinhle nezimbi.
IBafana Bafana izophinde idlale nePanama ngoLwesibili ebusuku eCape Town Stadium. Amathikithi asephelile abalandeli bafuna ukubona uFoster efaka igoli. Umdlalo uqala ngo-19:30.
Esithombeni esingenhla: uLyle Foster.
Umthombo wesithombe: @BafanaBafana
