UJub Jub ujikelwe amazwi akhe njengotshwala esiswini ngemuva kokubiza uKelly Khumalo ngo’mthakathi’

Celani Sikhakhane

Ujikelwe amazwi akhe njengotshwala esiswini umethuli wohlelo lakamabonakude Uyajola 9/9 ngemuva kokudicelela phansi esidlangalaleni umculi uKelly Khumalo kanye nomlingisi u-Amanda du Pont.

Amafayela ayimfihlo omndeni wakhe kanye nomama wakhe owaziwayo ngoJackie Maarohanye, owake waziwa ngengelosi yase-Soweto noma uMama Jackie, avezwe emphakathini.

UJub Jub usebenzise i-Podcast and Chill with MacG uhlelo oludlala ku-Channel-O ukusola uKelly Khumalo ngokuthakatha athi kwaholela ekuhlukaneni kwakhe nomlingisi u-Amanda du Pont.

Abafundi bakudala besikole sikanina i-Ithuteng Trust badalule ku-Twitter ukuthi bahlukunyezwa kanjani ngumama kaJub Jub ngokushaywa.

UKabelo Sandile Motsoeneng ungene ku-Twitter wadalula ukuthi abafundi ababefunda  esikoleni i-Ithuteng Trust bahlukunyezwa ngendlela enyantisayo.

“Buza abafundi base-Ithuteng Trust ngoJub Jub nomama wakhe. Buza abafundi base-Klipspruit. Buza labo bafundi ngokuhlukunyezwa abakubekezelele ngaphansi kwaleso sikhungo somndeni. Buza abesifazane ababefunda kuleso sikhungo,” ebhala.

Uze waveza ukuthi uJub Jub nonina benza abafundi babo baxoxe izindaba ezihlasimulisa umzimba ukuze bahehe abaxhasi bafake imali emndenini.

Abanye baze babuyisa nendaba yokuboshwa kukaMama Jackie.

UMama Jackie, owaphinde wabizwa ngowayenguMengameli uNelson Mandela njengoMama Teresa wase-Soweto, waboshwa ngonyaka wezi-2016 wagwetshwa iminyaka eyi-12 ngokudayisa izintandane.

Njengoba kungathi amafayela ezindaba zikaJub Jub awenele, owayeyintombi yakhe u-Amanda du Pont usedalule ukuthi wadlwengulwa nguJub Jub futhi wazama ukumbulala.

Nowesifazane owayengumsakazi, uMasechaba Khumalo, naye ufake ku-Twitter edalula ukuthi wadlwengulwa nguJub Jub esemncane wabe esethatha ubuntombi bakhe.

Ngenxa yalezi zinsolo, uhlelo lukaJub Jub olwaziwa nge-Uyajola 9/9 selimisile emsebenzini nokusaza lolu hlelo.

Izihloko zakamuva