Timmy T Maranda
Ngokungangabazeki, uJake White wenelisekile ngendlela iqembu lakhe elidlala ngayo.
I-Vodacom Blue Bulls ishaye ngokugculisayo i-Emirates Lions e-Loftus Versveld ngo 24-9 emdlalweni wokuvula we-Rainbow Cup, kodwa lokho akusikho nje kuphela.
AmaBulls athole ama-try amathathu ngaphandle kwe-reply, kanti ngokusho kukaWhite, ama-try amathathu awavunyelwanga.
AmaBulls awakaze ahlulwe e-Loftus Versfeld kuyo yonke imiqhudelwano selokhu uWhite ethathe izintambo zokuqeqesha waphinde waguqula nenhlanhla yeqembu.
Khonamanjalo, i-Cell C Sharks ihlwithe amaphuzu amathathu ku-DHL Stormers emdlalweni obuthokozisa kakhulu we-Rainbow Cup SA, ukuze iqale umkhankaso wayo ngoMgqibelo ntambama.
Iqembu laseKZN lanqoba ngo-33-30 ngesikhathi libhekene ne-DHL Stormers emdlalweni owawushubile e-Cape Town Stadium.
UReniel Hugoe we-Cell C Sharks ushaye ama-try amathathu ngesikhathi amaStormers esesele nabadlali abayi-13 ngenxa yamakhadi amabili abomvu.
Esitatimendeni se-South African Rugby Union (SARU), umqeqeshi weStormers uJohn Dobson ukhale ngokungaziphathi kahle ohlangothini lwakhe.
“Sibe nebhadi lokuhlulwa. Siyazi ukuthi kungani kwenzeke lokhu,” kusho uDobson.
“Bekudumaza kakhulu nephutha elethu uqobo.”
Umqeqeshi wamaSharks uSean Everitt, ubejabule ngokunqoba ekude nasekhaya kodwa akagculisekanga ngokusebenza kweqembu.
“Kusobala ukuthi aseneme ngokusebenza kwethu kodwa sizoyithatha iwini. Kuyisibonakaliso seqembu elihle uma ungadlali kahle kodwa usathola umphumela,” kusho u-Everitt.
NgoMgqibelo amaLions azobhekana namaSharks e-Kings Park eThekwini kanti amaStormers azokwamukela iVodacom Bulls eKapa.
Isithombe: @BlueBullsrugby