Ugwetshwe (12) etilongweni omunye wababhedli bokutapa eKZN

Lubhalwe nguZukile Majova

INkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu igwebe omunye wabagqugquzeli bothuthuva lwezibhelu zangoNtulikazi uMdumiseni Zuma iminyaka engu-12 ebhadla ejele.

UZuma waduma ngesikhathi abantu bezitapela ngoNtulikazi ngonyaka ka-2021, wafaka ividiyo yakhe esenxanxatheleni yezitolo eKZN ecela abaphangi ukuthi babuye nangakusasa.

Onogada basenxanxatheleni yezitolo babezama ukuvimba abantu abaningi ababezitapela, izitolo zacekelwa phansi zaphinde zaphangwa kanti nenxanxathela yezitolo yona yasha yangqongqa.

NgoMandulo iNkantolo yathola uZuma enecala lokwephula umthetho we-Riotous Assemblies Act.

Uveze ukuthi wayephuzile ngesikhathi efaka ividiyo wengeza ngokuthi amaphoyisa nenkantolo akumele bayithathele phezulu into ayenza.

Kodwa kubukeka sengathi lolu daba lusazoqhubeka njengoba umsunguli we-EFF uJulius Malema eveze ukuthi iqembu lakhe lihlose ukumela uZuma uma sekudluliswa icala.

“Angicabangi ukuthi lowo okuthiwa ungumgqugquzeli wezibhelu zangoNtulikazi uMdumiseni Zuma umelwe ngendlela efanele,” kusho uMalema.

“Ngicele uSihlalo wethu weSifundazwe saKwaZulu-Natali ukuthi athole amaqiniso nokuthi singasiza kanjani.”

Izibhelu zanguNtulikazii zadalwa ulaka lomphakathi kulandela izindaba zokuthi lowo owayenguMengameli uJacob Zuma uzogqunywa ejele ngokubukela phansi iNkantolo yoMthethosisekelo.

Ukuphangwa kwempahla e-KZN naseGauteng kuholele ekutheni abantu abangaphezu kuka-300 balahlekelwe izimpilo zabo futhi kudle umnotho izigidigidi ezingu-R50.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, iNkantolo yeMantshi yaseRandburg ikhulule owayengumsakazi woKhozi FM, uDJ Ngizwe Mchunu ngamacala okuphula umthetho wokuLawulwa kweziNhlekelele nokugqugquzela kodlame.

UMchunu owaduma ngesiqubulo esithi “Ayikhale/Azikhale” ubize isithangami sabezindaba ngesikhathi sokuphanga ethi uJacob Zuma kumele aphume ejele.

Amaphoyisa nabashushisi bombuso basolwa ngokuhluleka ukuthathela izinyathelo inqwaba yabalandeli bakaZuma abebebonakala begqugquzela umphakathi ukuthi ucekele phansi umbuso.

Esithombeni esingenhla: Umgqugquzeli wodweshu lwezibhelu zangoNtulikazii uMdumiseni Zuma ogixabezwa iminyaka engu-12.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva