Dylan Bettencourt
Isizini eyodwa yombhoxo yanele ukwenza ukuthi kube nokugeleza kwegazi lomdlali ebuchosheni, kuthinte kabi ukusebenza kwengqondo.
Ucwaningo olwenziwe ngabaphenyi base-University of South Wales, lukhombisa ukuthi ukungqubuzana njalo emidlalweni, akubangi ukudideka kuphela, kuholela ekwehleni kokusebenza kobuchopho.
Abaphenyi balandele iqembu lombhoxo elikhokhelayo e-United Rugby Championship futhi bahlola abadlali ngokuqhubeka kwesizini. Abadlali bahlolwe ngaphambi kwesizini, maphakathi nesizini nangemuva kwesizini.
Ucwaningo olushicilelwe ku-Journal of Experimental Physiology lithole ukuthi abadlali babhekane nokugeleza kwegazi okuphansi kuya ebuchosheni kanye nemisebenzi ephansi yengqondo, kunciphise amandla abo okucabanga, ukukhumbula, ukukhiqiza imibono nokwenza ukuzilolonga kwengqondo.
Ucwaningo lwangaphambilini lwaveza ukuthi ukungqubuzana kuphela okwenza kube khona ukwehla kwengqondo, kodwa lolu cwaningo lukhombisa ukuthi izinkulungwane zokungqubuzana nazo zibe nomthelela emiphumeleni yokudlala lo mdlalo.
I-World Rugby, isigungu esilawula ezemidlalo siphendule kulolu cwaningo sathi: “I-World Rugby muva nje izibophezele ngokwengeza ukutshalwa kwemali kwinhlalakahle yabadlali nasocwaningweni olusha lokuncintisana kanye nezinhlelo ezintsha”.
Ukulimala kobuchopho kulo mdlalo kuvezwe ngowezi-2020 lapho iqembu lochwepheshe bakudala limangalela iziphathimandla zalo mdlalo ngemuva kokuthi batholakale bene-dementia.
Ucwaningo luthole ukuthi abadlala phambili bakhombisa ukwehla okukhulu kunalabo abadlala emuva.
USolwazi uDamian Bailey, uthe bacabanga ukuthi isisekelo sabo singumuntu ojwayelekile ophilile kodwa iningi lalaba badlali sebeneminyaka eminingi bedlala ibhola lombhoxo.
“Isisekelo sokuqala kungenzeka ukuthi asikakhuli kahle,” utshele i-BBC.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE