Lungani Zungu
Umsekeli oqotho kaJacob Zuma uCarl Niehaus uboshwe bukhoma kumabonakude ngaphandle kwesikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt, lapho uZuma aqala khona isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ejele.
Konke lokhu kwenzeka nje ngoLwesine, uNiehaus ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi eboshwa ngamaphoyisa amane ngaphambi kwehora le-4 ntambama.
Ngaphandle kokumbiza ngegama, okhulumela amaphoyisa uVish Naidoo uthe uNiehaus uzobekwa amacala ngokwephula imithetho yomvalelo ngemuva kokuhlela umhlangano wesixuku sabantu abangaphezu kwama-50.
UNaidoo uthe uNiehaus uzophinde akhokhiswe ngokuhlela nokuhlanganisa isixuku ebesihlangene ngaphandle komuzi kaZuma eNkandla ngeSonto.
“Umuntu esimbophile namhlanje ungomunye wabantu abebehlele imihlangano engaphezu kweyodwa lapho abantu abaningi ebebehambele khona, bebephula umthetho womvalelo.”
UNaidoo uthe akukho mibuthano evunyelwe ngaphansi kwezinga lesine lomvalelo, ngaphandle kwemingcwabo, nakhona evunyele ukuba nabantu abangama-50 kuphela.
Uthe labo abayishaya indiva imigomo yomvalelo bazobhekana nengalo yomthetho.
Uthe futhi uNiehaus uzogcinwa esitokisini samaphoyisa aze afake isicelo sebheyili.
UNiehaus wayengumkhulumeli woMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) inhlangano esihlakazekile.
UNiehaus uqale wakhuluma nenqwaba yabalandeli bakaZuma abebebuthene ngaphandle kwejele ngaphambi kokuthi aqale ukukhuluma nabezindaba.
Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule, uNiehaus utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abammeli bakhe baphezu kodaba, wangabe esaqhubeka nokuphawula.
Ukuboshwa kwakhe kube ngesinye isiphithiphithi eqenjini elibizwa nge-Radical Economic Transformation elihambisana noZuma.