UCardoso uthi uzoqhubeka nokushintsha isikwati sakhe yize ephumile kuNedbank Cup

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

ISundowns ihlulwe ngo 2-0 yiTS Galaxy eSolomon Mahlangu Stadium KwaNdebele ngoMgqibelo ngemuva kokuthi uCardoso enze izinguquko ezingu-10 esikwatini.

Umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic uthe ubelindele izinguquko kuCardoso kodwa wamangala ebona abadlali abasha abangu-10.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthi ngeke ayeke ukuphendukisa iqembu lakhe kuze kuphele isizini, noma ngabe izinguquko zeqembu lakhe zibalahlekisele ngomkhankaso wabo weNedbank Cup.

ISundowns iphume ngoMgqibelo, ihlulwa yiTS Galaxy ngo 2-0 eSolomon Mahlangu Stadium, KwaNdebele. UCardoso wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini elihlule i-Orlando Pirates ngo 2-1 e-FNB Stadium ngoLwesithathu.

Umdlali wasesiswini uNuno Santos nguyena kuphela umdlali ogcine indawo yakhe emdlalweni wePirates. URonwen Williams, uTeboho Mokoena noJayden Adams bebesebhentshini noma beshiwe ngaphandle.

UCardoso ukhombe ukulimala njengengxenye yenkinga. Uthe u-Arthur Sales ubeyingxenye yeqembu lakhe kodwa walimala ngemuva komdlalo weMC Alger, okuphoqe ukuthi alande uSantos kuyona yomibili imidlalo yePirates neyeTS Galaxy.

“Kuyacaca ukuthi abanye abafana esibaqokile abekho ezingeni elifanayo, bekufanele sidlale nabadlali ngaphandle kwesimo esingcono,” usho kanje.

ISundowns yagcina ukunqoba umqhudelwano wezindebe ngo-2022.

Umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic uthe uyibukile imidlalo emibili yokugcina yeSundowns wabona abadlali bedonsa kanzima ngenxa yamajaqamba. Uthe ubelindele ukuthi kube khona ukushintshana kodwa hhayi okungaka.

Ngisho naseqophelweni eliphezulu labadlali, akufani uma ufaka abadlali abasha abayishumi eqenjini eliqalayo,” kusho uBeganovic.

ISundowns ilibangise eThekwini ngoLwesibili lapho izobhekana khona naMaZulu asendaweni yesihlanu koweBetway Premiership. IGalaxy izodlala ekuhambeni neSiwelele FC eBloemfontein ngempelasonto ezayo.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva