Dylan Bettencourt
Umculi wakuleli uBisiswa ugxeke isitolo sikaRihanna sobuhle i-Fenty Beauty ngokusebenzisa ingoma efana neyakhe i-Midnight Starring esikhangisweni sabo sobuhle besikhumba.
Ingoma esetshenziswe kulesi sikhangiso idonse amehlo ezinkundleni zokuxhumana njengoba ibizwakala icishe ifane ne-Midnight Starring edidiyelwe nguDJ Maphorisa, uDJ Tira, neDistruction Boyz enamaphimbo kaBusiswa noMoonchild Sanelly.
I-tweet yalo mculi oneminyaka engama-32 ithi: “Cha. @fentybeauty isebenzise ingoma eguquliwe efana ne-Midnight Starring futh enezwi lami, ukugwema ukusikhokhela. kubuhlungu kodwa akukho esingakwenza.”
UDJ Maphorisa, onguphrojusa wengoma, ubhale ku-Twitter wathi: “Mara le bareng mo ke cut n paste Sis riri onketsang?” Okuhunyushwe ngokuthi: “Lokhu ukukopela. Sis Riri kungani ungenza kanje? ”
Umthombo wesithombe: @Busiswa