Doreen Mokgolo
Sekuphele izinyanga, lo wesifazane edayisa amakhekhe amnandi awenze ekhaya lakhe eduze kwamasango esikoleni samabanga aphansi, futhi nebhizinisi belichuma.
Kodwa kuvela ukuthi ubebhaka amakhekhe esebenzisa insangu kanti izingane zivele zagula zaphoqeleka ukuthi zingayi esikoleni.
Lokhu obekwenziwa ngowesifazane oneminyaka engama-33 kuvele obala ngenkathi umfana oneminyaka eyi-12 ebuyiselwa ekhaya ngenxa yokuba nezinga lokushisa eliphezulu.
Umfana ofunda esikoleni samabanga aphansi iMkhwanazi e-Tsakani, e-Ekhurhuleni ubengayi esikoleni izikhathi eziningi kwaze kwangenelela umama wakhe.
“Ngivele ngaya esikoleni ngayophenya ngatshelwa ukuthi indodana yami kanye nabanye abafundi bebehlezi bengayi esikoleni,” esho.
“Kubizwe umhlangano nabazali kanti ngesikhathi izingane ziphenywa ngemibuzo zithe zihlezi zigula njalo ngemuva kokudla amakhekhe abawathenga endlini eseduze nesikole”.
Laba bazali abebethukuthele bemashe baya kulelo khaya, lapho abathole khona inqwaba yezitshalo zensangu kanye namakhekhe abhakiwe agulisa izingane.
Isithako se-psychoactive ensangwini sibizwa nge-tetrahydrocannabinol (i-THC). I-THC idala umthelela “ophezulu” wokubhema noma ukudla insangu, kodwa futhi kungadala nokukhathala kwezinzwa ezingaphakathi.
Umnikazi usheshe wavuma kubazali ababedidekile ukuthi udayisela abafundi amakhekhe afakwe insangu.
Omunye umzali othukuthele, uSonto Mathebula, uthe kubonakala sengathi umthengisi akaboni lutho olubi ngokufaka izingane ezidakamizweni.
“Intsha iba imilutha yezidakamizwa nezigebengu ingenalo ithemba lekusasa elihloniphekile. Sifuna lo wesifazane akhokhe ngakwenze ezinganeni zethu,” esho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Lerato Mngomezulu uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela kulo muzi athole izitshalo zensangu kanye no-3kg wensangu eyomile.
“Umsolwa uzitshele ukuthi uyilungu lomphakathi wamaRasta futhi ubhakela umndeni wakhe nabangani amakhekhe. Uthe amalungu omphakathi abethenga kuye kanti ngesikhathi abafundi befika bezothenga ubecabanga ukuthi bathunywe umuntu omdala,” kusho uMngomezulu.
UMngomezulu uthe umsolwa uboshiwe kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani kungekudala.