Owebhola wakuleli uvaleleke e-Georgia

Linda Ximba

Ngesikhathi emenyelwe ukuya ayohlolwa ikhono e-Georgia, umdlali wamaZulu FC osemncane uThulani Cele ubecabanga ukuthi usephumelele.

Kodwa iphupho lakhe liye lashabalala ngokushesha ngesikhathi ebona ukuthi uthenjiswe into engekho.

Ngasekuqaleni konyaka, uCele utshelwe yi-agent yakhe – owesilisa owaziwa ngelikaBaggio – ukuthi umhlelele ukuthi aye kohlolwa ikhono e-Georgia.

Bahlangane ngesikhathi uCele esemqhudelwaneni oxhaswe i-Nedbank #KeYona Team Search.

Kodwa ngokusho komndeni kaCele okhungathekile, uhlelo lokuhlolwa ikhono i-GeorgiI-Georia beliwumkhonyovu. Umdlali (22) usale dengwane waphinde waboshwa.

“Uhambe mhla zizine kuNhlaba eya kohlolwa ikhono e-Georgia. Mhla zintathu kuNhlangulana usishayele ucingo ethi uyabuya kodwa akazange abuye. Sithole ucingo oluvela kothile ose-Georgia ethi indodana yami iboshiwe. Kusukela ngaleso sikhathi asikaze sizwe lutho ngaye,” kusho uyise, uBongani Cele, etshela i-SAFM SportsOn.

Uyise kaCele uthe okubaxakile ukuthi indodana yakhe kudingeke ukuthi ikhiphe imali yamathikithi endiza neyendawo yokuhlala.

“Ngesikhathi efika khona utshelwe ukuthi ihhotela alikakhokhelwa. Okuphinde kwasimangaza kakhulu ukuthi iqembu atshelwe ukuthi limumemile belingekho kuleliyazwe liyolungiselela isizini noma okunye. Ngokuhamba kwesikhathi utshelwe izinto eziningi ezimenze wadideka nakakhulu.

“Sizame konke siwumndeni. Sishayele uhulumeni wakuleli, wasitshela ukuthi awekho amanxusa e-Georgia. Izinto zishubile emndenini wethu, asisakwazi nokulala ngoba asazi ukuthi ingane yethu ikuphi.”

Okubi nakakhulu, ukuqinisekisile ukuthi omunye wakuleli ojoyine indodana yakhe e-Georgia ukwazile ukubuya.

“Esingakuqondi njengomndeni ukuthi bekukhona omunye umdlali wakuleli noThulani, igama lakhe uMasego. Lo mdlali obehlala noThulani ukwazile ukubuya ekhaya esuka e-Georgia kodwa uThulani akabuyanga”.

Okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwaMazwe kanye nokuBambisana (i-Dirco) uClayson Monyela uthe bebesanda kuzwa ngalesi sigameko ngoLwesibili.

“Udaba lulethwe kithina ngoLwesibili futhi asinalo inxusa e-Georgia, ngakho-ke kuzofanele sifune usizo ezindlini zamanxusa e-Poland ukuze ziphenye ngezimo zokuboshwa kwalo mdlali,” kuchaza uMonyela.

Umthombo wesithombe: @

Izihloko zakamuva