Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ONgqongqoshe bakazwelonke nosigaxamabhande bamaPhoyisa sebecele iNdlunkulu kaZulu kuba ishweleze ekutheni kungachitheki igazi ngomhlaka-30 wale nyanga ngoba osomabhizinisi bahlalele ovalweni ngemashi yokuxosha abangenawo amaphepha okubakuleli kodwa iNdlunkulu ithi ayisakwazi ukuvimba abantu ukuba bayeke izikhalazo zabo.
NgeSonto uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo kuleli uNksz Mmamoloko Kubayi nozakwabo uNksz Thandi Moraka oyiphini likaNgqongqoshe wezoBudlelwane naMazwe angaPhandle behambisana nosigaxamabhande bamaPhoyisa babenomhlangano ophuthumayo nethimba laseNdlunkulu kaZulu ebeliholwa uNdunankulu wesilo, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi Kanye noMntwana uThulani waseZibindini ukuzobhunga ngesixazululo sokugwema ulaka lale mashi ebikezelwayo.
Lo mhlangano uhlala nje osomabhizinisi batshele amaphoyisa ukuthi bahlalele ovalweni futhi bayesaba ukuthi kungenzeka kubenomonakalo ozophazamisa namabhizinisi abo.
Kodwa uMntwana utulani waseZibindini uthe lena yokuthi amaZulu axosha abantu bokufika kuleli abangenawo amaphepha kungukudukisa isizwe ngoba le mibhikisho iholwa abantu abehlukene kusuka elimpopo kuze kuyoshaya e-Eastern Cape.
“Laba bantu abakhathazekile nabakulemibhikisho izakhamizi zaseNingizimu Afrika abakhathazekile ngokwenzeka ezweni labo futhi bakwenza lokhu ngokwelungelo labo elikumthethosisekelo hhayi ngoba bethunywe iNdlunkulu kaZulu. Njengendlunkulu asihambisani nokuthi kokuzokwenzeka abantu besebephatha izikhali ngoba asihambisani nodlame nokuyinto iNgonyama esiyikhuzile lena kuba ingenzeki,” kusho uMntwana waseZibindini.
UMntwana uphinde wathi kuyishwa ukuthi ukuziphatha kukaNgizwe Mchunu okukhona abangakuthandi bese bethi ukuziphatha kwesizwe samaZulu.
Esitatimendeni sikaHulumeni, oNgqongqoshe bazwakalise ukugculiseka ngomhlangano kanye nokubonisana ababenakho neNdlunkulu nabakubone kuzodala uzinzo kunokubhebhezela udlame.
“Ithimba lo Ngqongqoshe ligculisekile ngomhlangano elibenawo neNdlunkulu kaZulu ngoba konke okukhulunyiwe kubesobala ukuthi ubukhosi bakwaZulu abuhambisani neze nodlame kanye nokushawa kwabantu njengoba kuzoba nalemibhikisho yomhlaka-30 kule nyanga,” kusho isitatimende.
Ngakolunye uhlangothi uMkhuzi osabambile wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Mashona uthe osomabhizinisi bangakhathazeki ngoba ezokuphepha zizobe zimingomumo futhi konke kuhlelwe ngononina ukuqapha labo abazoba osikhwili phambana nobhoko.
