OKlebe baphenya i-payola kwa-SABC

Philani Mzila

Lezi zinsolo ezihlale zinonwabu ze-payola kwa-SABC zikhuphule igiya.

Abakwa-Scrolla.Africa bangakuqinisekisa ukuthi oKlebe baphenya amacala e-payola abhekene nabantu abathile abaziwayo emsakazweni.

Imbongi uMzwakhe Mbuli omele abaculi uthe sebeke bathinta oKlebe ukuba baphenye amacala e-payola abhekiswe kosaziwayo emsakazweni abenza ukuthi abaculi bakhokhe imali ukuze kudlalwe umculo wabo.

“Ngiyalelwe ukuthi ngingakhulumi nabezindaba ngoba lolu daba lubucayi kakhulu,” esho.

Ngokusho kwemithombo ebekiwe, uMbuli useke wahlangana nomphathi wakwa-SABC uMadoda Xakwe nabaphathi boKhozi FM.

“Abantu bazothuka uma oKlebe bebopha abantu njengoba kukhona abantu abavelele ababambe iqhaza kulo msebenzi,” kusho umthombo.

Omunye oyimvukuzane utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi uXakwe waya eKZN eyohlangana nomphathi wesiteshi Ukhozi FM uSbongi Ngcobo nomphathi wezinhlelo uZandile Tembe.

“Akukhathalekile ukuthi bakhulu kangakanani. Kulindeleke ukuthi abantu baxoshwe ngaphambi kukaMbasa njengoba kuzoba nezinguquko emisakazweni yakwa-SABC,” kusho umthombo.

Abanye abantu abavelele ababambe iqhaza kule misebenzi ngumsakazi woKhozi FM uTshatha Ngobe nabadidiyeli bomculo uKhetha Gwala noZanda Mthembu.

Okhulumela abakwa-SABC osabambile uMmoni Seapolela ukuqinisekisile ukuthi uyazi ngalezi zinsolo wathi inkampani iyazi ngezinsolo ze-payola futhi izothatha izinyathelo ezidingekayo.

“Inkampani ibheka udaba lwe-payola ngeso elibucayi futhi izobambisana ngokuzithandela nabaphathi bezomthetho uma bedingeka,” esho.

Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuthi uphiko oluphenya amacala enkohlakalo i-Serious Corruption of the Hawks luthintwe yiqembu labaculi kwathunyelwa ne-afidavithi.

“Izinsolo zizophenywa. Ngeshwa ngeke sikwazi ukudalula amagama abantu okwamanje,” kusho uMogale.

Izihloko zakamuva