Nango ekhala uMboweni

Waze wadabukisa umengameli webhange elinguvimba kuleli u@tito_mboweni, uma ethi kuyafana nokuthi akakhululekile.

“Esikhathini esingeside kakhulu esedlule, bengingumuntu okhululekile,” ubhale lo myalezo ku-Twitter ngoLwesibili. “Ngabe sengivuma ngokuzithandela ukujoyina uHulumeni. Tjoooo! 

Ukhululekile kodwa kuyafana nokuthi awukhululekile!! Kufanele ulalele izinqumo zeningi! 

Kwesinye isikhathi kuzwakala njengokugwinya itshe!”

UMboweni ebefuna ukuvala i-SAA iminyaka, efuna nokuxegisa  imigomo yokungadayiswa kotshwala nogwayi, kodwa ikhabhinethi ayivumanga. NgoLwesibili wezwakala ethi: “Kungani abantu befuna ukuba semandleni, empeleni? Kungani? Lo msebenzi ukhokha kabi, awubongi futhi uyahlukumeza. “Ngakho-ke, uma ungakwazi ukugwinya itshe, phuma kwezepolitiki!”

Izihloko zakamuva