Kuza ushintsho embonini yamatekisi

Lubhalwe nguTshepo Chauke

Umthuthukisi we-Fleet management software developer, i-GoMetro yethule itekisi yokuqala kagesi eNingizimu Afrika ngokubambisana nezinye izinkampani kanye neNyuvesi yaseStellenbosch.

Itekisi ebizwa ngeKamva izothola isitifiketi ukuze ihambisane namazinga okuphepha kwezindawo kanye nezimoto.

I-GoMetro inethemba lokuthi ukusetshenziswa kwephrojekthi ye-green energy kungathuthukisa imvelo kuphinde konge imali kubagibeli bamatekisi.

IKamva iyitekisi ehlala abantu abangu-15 futhi ihamba ibanga elingaphezu kuka-200km emva kokuthi ishanjwe kanye kuphela.

Ezokushaja kuhlanganisa ukushaja okusheshayo (imizuzu engu-75 usebenzisa ishaja engu-60kW DC) nokushaja okuhamba kancane (amahora angu-10 ebusuku).

I-GoMetro yethula iKamva ngemodeli yebhizinisi entsha kanye nohlelo lwengqalasizinda yokushaja i-Flex EV.

I-GoMetro ilinganisela ukuthi lolu hlelo lwezokuthutha lungavikela abantu baseNingizimu Afrika, cishe ngo-40 kuya 70% ezindlekweni zokuthutha nanokuthi ukungathembeli kuphethiloli wamalahle kungaholela ekongeni.

Inkampani yesoftware ithi izimoto zikagesi zithola ukuwohloka okuncane kunezimoto ezisebenza ngophethiloli noma ezisebenza ngodizili, zishibhile ukuzinakekela nokuletha izinzuzo zezempilo yemvelo.

“Awekho ama-oil filter nama-air filter, amapulaki noma uwoyela ongashintshwa,” kusho isikhulu seGoMetro uJustin Coetzee, ngakho kulula kakhulu ukuyinakekela.

IKamva ihlolwe emizileni yamatekisi ezungeze iStellenbosch kusukela ngo-2023.

Lolu hlelo lokusebenza ngokubambisana phakathi kweGoMetro, iPowerfleet, i-HSW, i-ACDC Dynamics, iStellenbosch University, nezinye. Ukwengeza, i-Flex EV yakha inethiwekhi yezindawo zokushaja ezweni lonke, izoqala nge-Century City ne-Stellenbosch.

Ukufakwa kukagesi kwezokuthutha kunikeza izinzuzo zemvelo nezempilo yomphakathi.

Ukunciphisa ukungcola okuyingozi njenge-nitrous oxides, ama-sulphur oxides, ne-PM2.5 kuzothuthukisa ikhwalithi yomoya futhi kunciphise izingozi zempilo.

Naphezu kwezinzuzo, ukushintshela ezimotweni zikagesi emkhakheni wamatekisi angahlelekile kuletha izinselelo, ikakhulukazi uma kubhekwa amandla aseNingizimu Afrika ancike kumalahle.

Lulu undaba olubukeziwe futhi oluale lashicilelwa okokuqala kwi-Stuff Margazine.

Esithombeni esingenhla: abagibeli beKamva GoMetro.

Umthombo: i-e-hailing e-taxi

Izihloko zakamuva