‘Kuvele ukuthi owesifazane wayekhulelwe ngesikhathi ebulawa’

Lubhalwe nguPalesa Matlala

  • Amaphoyisa abambe umbulali ozivumele yena owaklinya umama wase-Soweto owayezithwele ngemuva kokubalekela e-Zimbabwe.
  • Umndeni kamufi ulwa nemiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ethi washona ngenxa yezinkinga zokukhulelwa kunokuklinywa.

Sekuphenduke ubuhlungu obukhulu ukubulawa kukamama ngemuva kokuhlolwa kwesidumbu okuveze ukuthi ubezithwele ngesikhathi isinqandamathe sakhe simklinya washona kubo e-Soweto.

Usezinikele emaphoyiseni ase-Zimbabwe umbulali kaMakhosazana “Khosi” Ndlovu owazithwebula ebulala wathumela ividiyo kumngani wakhe wasesontweni.

Ukuhlolwa kwesidumbu kukhombisa ukuthi uNdlovu, (29), wayenamasonto amathathu kuya kwamane ekhulelwe ngesikhathi eshonela egumbini labo elise-Moletsane ngomhlaka-3 kuNhlolanja.

“Kubuhlungu ukuthi silahlekelwe abantu ababili ngesikhathi esisodwa,” kusho ilungu lomndeni uThanjiwe Komanisi etshela i-Scrolla.Africa. 

Kodwa lo mndeni ososizini usubhekene nempi entsha. Bayaphikisana nezinsolo zodokotela zokuthi uNdlovu washona ngenxa yokuqhuma kwe-ectopic pregnancy, ekhomba izimpawu ezicacile zodlame emzimbeni wakhe.

“Sitshele udokotela ukuthi kwividiyo ethathwe umsolwa wamcindezela phansi waphindelela ethi uyambulala, sabona kuphuma igazi ezindlebeni nasemakhaleni nolimi luba luhlaza okwesibhakabhaka,” kusho uKomanisi.

Umndeni uphonsela inselelo imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

“Udokotela uthi i-ectopic pregnancy yabulala uKhosi kodwa asikwamukeli lokho. Ingane incike kunina ukuze ithole umoya we-oxygen. Uma unina eklinywa, ingane ayikwazi ukuphefumula,” kuchaza uKomanisi.

Ngesonto eledlule, i-Scrolla.Africa ibike ukuthi umbulali wathumela kanjani ividiyo evuma izono kumngane wakhe wasesontweni ethi “wayengazi ukuthi wenzani” ngesikhathi ebulala uNdlovu.

UBrigadier Amos Tsotetsi wamaphoyisa aseJabulani uthe ngemuva kocingo lwamahora amathathu, umsolwa wenqabile ukuzinikela kuziphathimandla zaseNingizimu Afrika.

“Umseshi uthole ucingo oluvela kumngani kamsolwa wasesontweni emtshela ukuthi usebhasini eliya e-Zimbabwe ngoba esabela impilo yakhe,” kusho uTsotetsi.

Umbulali usezinikele emngceleni e-Beitbridge ulindele ukulethwa kuleli ukuze aquliswe icala.

UNdlovu ushiye izingane ezimbili ezincane azithola ebudlelwaneni bangaphambilini namanje ezingaqondi ukuthi kungani umama wazo engabuyi ekhaya.

Osesithombeni esingenhla: UMakhosazana “Khosi” Ndlovu. 

Umthombo: File

Izihloko zakamuva