Buziwe Nocuze
UJanica Tamber (13) wase-Hillview eKapa, ulwela impilo yakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi udutshulwe esigamekweni sokudubulana phakathi kwamaqembu ezigelekeqe.
Le ntombazanyana ibiphuma enkonzweni nogogo wayo uJona Marie ngesikhathi behlangana namaqembu ezigebengu elwa ngisho nokudlala ngaphandle.
UJanica udutshulwe esiswini, inhlamvu yangena ezinsweni zakhe.
NgoMbasa, uMicaheel Pedro (12) naye udutshulwe yinhlamvu ebingaqondile kuye ngesikhathi eya esitolo. Namanje unenhlamvu ekhanda ngoba odokotela bathi kuyingozi ukumhlinza beyikhiphe.
Ilungu lomphakathi uLiticia Matthews utshele i-GroundUp ukuthi ukudubulana kwenzeka ngaso sonke isikhathi.
“Bavele badubule, ngisho egcekeni. Izingane zethu azisakwazi ukudlala ngaphandle. Awukwazi ngisho nokuma ngasesangweni lakho,” kusho uMatthews.
Ngesonto eledlule umphakathi ube nomhlangano obuhlelwe yikhansela lesigceme uMnu Mandy Marr mayelana nezokuphepha, ikakhulukazi kwezingane endaweni yabo.
UMarr uthe umphakathi usubale abantu abangu-176 asebebulawe kule ndawo eminyakeni emithathu edlule.
Uthe kubi ukudubulana okwenzeka phakathi kwamaqembu amabili ezigelekeqe alwayo. Ulinganisela ukuthi cishe kubulawa abantu abane ngenyanga, kuya ngokuthi izinto zimbi kangakanani phakathi kwamaqembu ezigebengu.
“Enye yezinselelo zethu ezinkulu ukuthi izinhlelo zezomthetho azisisizi ngalutho, abakwa-SAPS babopha abantu kodwa bavele bakhishwe ngebheyili babuyele emgwaqeni,” kusho uMarr.
“Badinga izinkantolo ukuthi ziqinise umthetho kulezi zigebengu.”
Uthe umasipala ufaka amaphoyisa amaningi ukuze kugcinwe umthetho njengoba wazi ukuthi amaphoyisa aswele izinsiza.
Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala uRuth Solomons, uthe bajube amaphoyisa amaningi ngenyanga edlule nsuku zonke ukuze babhekane nezindaba ezihlobene nalokhu e-Hillview, e-Lavender Hill kanye nase-Steenberg.
Kodwa, uthe kuncane kakhulu osekwenziwe.
Okhulumela i-Western Cape uColonel Andre Traut, uthe bayazi ngengxabano eshubile yakamuva phakathi kwamaqembu ezigelekeqe ayizimbangi e-Hillview nakwezinye izindawo ezikhungethwe udlame lwamaqembu ezigelekeqe.
“Uphiko lwethu olulwa namaqembu ezigelekeqe namanye amaphoyisa engeziwe bajutshwe kulezi zindawo ukuze balethe uzinzo kulezi zimo ezishubile,” kusho uTraut.
Uthe kusazoqhubeka imikhankaso kulezi zindawo ngoba ngeke bavume ukuthi izigebengu zibambe imiphakathi ngezenzo zodlame olungenasidingo.