Kuqubuka udlame ngesikhathi abantu abangaphezu kuka-10,000 bemasha ngokumelene nabokufika eGoli

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Abahleli balolu hlelo bathi babalelwa ku-10 000 abantu abajoyine imashi yaseGoli, egcine iKwa Mai Mai ngemuva kokuhlaba ikhwelo lokuthi abokufika baphume.

Amaphoyisa abophe inqwaba yabantu ngenxa yokuphanga nokuzama ukuphanga ngemuva kokuqubuka kodlame kwahlaselwa nezintatheli ebezilandelela lo mbhikisho.

Babalelwa ku-10 000 abantu abamashe enkabeni yedolobha laseGoli ngoLwesibili njengengxenye yemibhikisho ezweni lonke befuna kuqiniswe imithetho yokufika kwabokufika kanye nokuthi kukhishwe abokufika abangenazo izincwadi.

Imashi iqale ngokuthula iphelezelwa ngamaphoyisa namaphoyisa kamasipala cishe usuku lonke. Iphelele Kwa Mai Mai enkabeni yedolobha, lapho abahleli bayo beyiveze ibe yimpumelelo.

Kuqubuke udlame kwezinye izindawo ngemuva kokuhlukana kwamaqembu amancane kumashi enkulu. Amaphoyisa aqinisekise ukuthi kuboshwe abantu ngenxa yokuphanga nokuzama ukuphanga.

Amanye amafulethi enkabeni yedolobha kuthiwa aphangiwe.

Kwezinye izindawo izakhamizi ziphendule ngokujikijela ababhikishi ngamatshe. Kuphinde kwabikwa ngokujikijelwa kwamatshe eHillbrow. Izintatheli ebezibhala imibhikisho nazo zihlaselwe njengoba isimo sishuba.

Amaphoyisa athi ayikho imibiko yokucekelwa phansi esabalele idolobha lonke.

Ngemva kokuphela kwemashi enkulu, amaqembu amancane abelokhu ehamba ezingxenyeni ezithile zedolobha eqashwe amaphoyisa. Amaphoyisa abelokhu ekhona kuze kube ebusuku ukuze anqande olunye udlame futhi asuse izixuku ebezisele.

Umholi wemashi uNgizwe Mchunu uthe umbhikisho uyifezile inhloso yawo.

“Bekungaphezu nje kokuba yimpumelelo. Sinqobile.

Kumele bahambe,” usho kanje.

UMnyango wamaPhoyisa uthe amaphoyisa ezweni lonke atshelwe ukuthi athathele izinyathelo ngokushesha noma ngubani ophula umthetho ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho. Okhulumela amaphoyisa uKamogelo Mogotsi uthe abomthetho ngeke bakubekezelele ukuziphatha kobugebengu.

“Amalungu ajutshwe ezweni lonke ayalelwe ukuthi athathele izinyathelo ngokushesha noma ngubani owenza izenzo zobugebengu,” usho kanje.

Ibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFiroz Cachalia uthe imibhikisho enokuthula ivikelwe uMthethosisekelo, kodwa waxwayisa ngokuthi udlame nezenzo zobugebengu ngeke zibekezelelwe.

Amaphoyisa asagcwele eGoli. Uphenyo ngodlame lusaqhubeka, kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ahlezi eqaphile ngemuva kokuthi izinkulungwane zimashe eGoli futhi kuqubuke udlame ezingxenyeni ezithile zedolobha.

Umthombo wesithombe: Palesa Matlala

Izihloko zakamuva