Lubhalwe nguRazeen Gutta
Imidlalo yokugcina yekhilikithi yethulwe ngeSonto nangoMsombuluko njengoba bekudlala i-Sunrisers Hyderabad kanye ne-Kolkata Knight Riders.
Wonke amaqembu ayishumi asengakwazi ukungena emaqenjini amane aphezulu yize sekusele imizuliswano emithathu nje kuphela yesigaba seligi ku-IPL.
Naphezu kokunqoba okukhulu kwe-Lucknow Super Giants emdlalweni wokuqala wangeSonto, ngisho nompetha i-Gujarat Titans abakaphumeleli kuma-play-offs.
Amaqembu amabili i-Rajasthan ne-Hyderabad bathole ithuba lokugubha ukunqoba e-Jaipur ngasekupheleni kweSontokanti i-Royals ibicabanga ukuthi isidlulile ngemuva kokushaya u-214/2 kuma-overs abo angu-20.
Njengoba bekudingeka amaphuzu amane ebholeni lokugcina kuma-innings esibili, i-Sunrisers Hyderabad ibibhekene nobunzima njengoba abalandeli bebememeza igama le-Rajasthan.
Ngemuva kwemizuzwana kutholakale ukuthi uSandeep Sharma weqe izinga lakhe kanti ibhola kudingeke ukuthiliqalwe phansi liphoswe.
U-Abdul Samad ushaye into ecokeme i-Pink City yavele yajabha njengoba ibibona i-Sunriers ithola amaphuzu angakaze abonakale emlandweni we-IPL.
UMsombuluko uzoveza okuningi ngomdlalo wekhilikithi futhi kulokhu kuzoba i-Kolkata Knight Riders ngakwesokudla komphumela.
I-Punjab Kings ibe yizisulu njengoba ishaye amaphuzu amahle angu-179/7, kodwa yashawa ingcindezi yama-overs.
U-Andre Russell ubengumdlali ovelele njengoba umakadebona eshaya amaphuzu angu-42 emabholeni angu-23 ukuze alandele ukaputeni wakhe uNitish Rana engxenyeni ye-half century.
URinku Singh uzoshaya ama-runs azobenza banqobe, athumele i-KKR emaqenjini amahlanu aphezulu ngemidlalo emithathu okufanele bayiwine elandelayo.
NgoLwesibili, i-Mumbai Indians izokwamukela i-Royal Challengers Bangalore kanti womabili amaqembu azobe ebanga indawo yesithathu emdlalweni okuqinisekile ukuthi kuzoba i-blockbuster.
Isithombe esingenhla: I-Kolkata Knight Riders
Umthombo wesithombe: @IPL