
Everson Luhanga
Kungase kushayisane amaguzu uma amalungu e-EFF naweDubula Movement ehlangana esiteshini samaphoyisa eDobs namhlanje.
I-Operation Dudula imemezele ukuthi izoba nemashi ebheke kulesi siteshi, kanti i-EFF yona imemezele inhloso yayo yokusiza abahlali base-Soweto ukuthi bavulele umholi weDudula uNhlanhla Lux Dlamini icala lobugebengu.
“I-EFF izophelezela uBaba uVictor Ramerafe, ozovulela uNhlanhla Lux icala lokugqekeza emzini wakhe kanye nokusatshiswa nokushaywa. Icala lizovulwa esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville ngo-11,” kufundeka isitatimende esikhishwe yi-EFF ngoLwesibili ebusuku.
I-Operation Dudula, eholwa nguNhlanhla Lux, igasele ngokungemthetho emzini kaRamerafe e-Soweto ngoMgqibelo ngoba bemsola ngokuthi udayisa izidakamizwa bethi amaphoyisa awenzi okwanele ukugasela emzini wakhe.
UVictor ufunge wagomela ukuthi uzofaka uNhlanhla Lux enkantolo mayelana nokuziphatha kwakhe, emsola ngokugqekeza, ukumsabisa kanye nokumshaya.
NgoLwesibili ebusuku, i-Operation Dudula nayo yabelane ngombhalo othi “Asihlanganeni sonke esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville kusasa ngomhlaka-23 kuNdasa ngo-9 ekuseni, sizokwanga amalungu e-EFF ngokweseka abashushumbisi bezidakamizwa emiphakathini yethu yabamnyama!
“UJulius Malema uyabeseka futhi uthanda abaphuma emazweni angaphandle ukudlula abantu baseNingizimu Afrika. Manje useseka abadayisi bezidakamizwa ukudlula imiphakathi yabantu abamnyama.”
UDlamini ukugcizelele ukuthi le mashi izoba nokuthula.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngoLwesibili ebusuku, uthe amalungu akhe azobakhona ukuzokweseka iDudula.
“Sizomasha ngokuthula,” esho.
Kamuva ngoLwesibili, uDlamini uphinde wabhala lo mbhalo ku-twitter ngesihloko esithi “Ngiyabonga ngokwesekwa kodwa ngicela nikhumbule ukuhlonipha nokuziphatha kahle. Masingalukhuthazi uqhekeko emiphakathini yethu. Kudingeka ukuthi sithande futhi sihole nalabo esingavumelani nabo.”
Khonamanjalo, amalungu ayisithupha enhlangano i-Alexandra Dudula ababoshwe emasontweni amabili edlule ngesikhathi bekhipha abaphuma emazweni angaphandle bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesithathu ekuseni ukuze bafake isicelo sebheyili.
Ngesonto eledlule icala lihlehlisiwe ngoba ugesi ubungekho enkantolo ngenxa yokucishwa kukagesi.