Dylan Bettencourt
Umdlali wase-Botswana uNijel Amos umisiwe okwesikhashana kwi-World Athletics Championships ezoqala kuleli sonto ngemuva kokuhlolwa kwegazi lakhe kwatholakala ukuthi unezidakamizwa egazini.
NgoLwesibili i-Athletics Integrity Unit (AIU) iveze ukuthi u-Amos uhlolwe watholakala ukuthi une-metabolite egazini lakhe.
“I-AIU imise okwesikhashana uNijel Amos wase-Botswana ngokushesha ngemuva kokuhlolwa kwegazi kwatholakala ukuthi une-metabolites ye-GW1516,” kusho isitatimende se-AIU.
Isidakamizwa esitholwe kuye emzimbeni kuthiwa sishintsha indlela umzimba owasebenzisa ngayo amafutha.
I-AIU isazodalula ubude besikhathi sokumiswa kwakhe kodwa mancane amathuba okuthi u-Amos angenele umqhudelwano we-World Athletics Championships ose-Oregon oqala ozoqala mhlaka-15 kuNtulikazi uphele ngomhlaka-24 kuNtulikazi.
I-World Anti-Doping Agency ithe lesi sidakamizwa sibeka engcupheni enkulu impilo yalo msubathi.
Lo mdlali owawina indondo yesiliva kuma-olimpiki ka-2012 utshelwe lezi zindaba ese-Oregon ngesikhathi kumele angenele khona umqhudelwano ka-800m.
Indondo yesiliva ka-Amos ayiwine e-London bekungeyokuqala ngqa ukuthi ithathwe ngumuntu wase-Botswana emlandweni wama-olimpiki. Bathola indondo yethusi ku-4x400m e-Tokyo nyakenye.
Umthombo wesithombe: @AthleticsNews