Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuhlonishwe uMntwana uMagogo kaDinuzulu kaCetshwayo noyingqalabutho yomculo we-Opera ezwenikazi lase-Afrika.
UMntwana uMagogo uhlonishwe umasipala waseNquthu, KwaZulu-Natal ngohlelo lokuthuthukisa intsha endimeni yomculo nokuhlonipha imisebenzi yakhe ekuqanjweni kwamahubo kaZulu.
Lolu hlelo oluholwa inkakha kwezamahubo kaZulu okunguMbuso Khoza lubizwa ngokuthi iPrincess Magogo Musical, Amahubo Development.
Lokhu kwenzeke emcimbini wokukhumbula iMpilo kaMntwana uMagogo obuseNcome, eNquthu ngoMgqibelo.
“Kulolu hlelo lokuhlonipha uMntwana okuyiPrincess Magogo Musical, Amahubo Development, sizosebenzisa lona ukuqeqesha intsha ngamaHubo kaZulu aseyindlala njengamanje ukuba sivuselele lawo ayewaqambile ngesikhathi ebhala izingoma. Kuneqembu lentsha yabesilisa nabesifazane esisebenza nalo ekuvuseleleni lamaHubo kaZulu asuselwa kwakaMntwana uMagogo.
Ukhumbule ukuthi amaHubo kaZulu uma siwahaya kusuke kungumkhuleko lowo bese kuvuka umunyu. Kuyinto efanayo nesizwe samaRoma uma sebehaya amahubo abo bavukwa umunyu ngoba kusuke kuyindlela abathandaza ngayo nabo njengoba nathi singuZulu senza,” kuchaza uKhoza.
Lo mcimbi obuyindumezulu ubuhanjelwe isizwe sakwaButhelezi nabaseNdlunkulu kaZulu.
Lo mcimbi uqondaniswe nosuku okwadlula ngalo emhlabeni uMntwana uMagogo nokwakungunyaka ka-1984 ngomhlaka-21 kuLwezi .
Umasipala waseNquthu uthe lolu suku seluzohlale lukhunjulwa ngenxa yemisebenzi yale ngqalabutho.
UMntwana uMagogo wazalwa ngonyaka ka- 1900 ngemuva kweminyaka engu-20 kudlule impi yaseSandlwane eyayiholwa ibutho likamkhulu wakhe uCitshwayo kaMpande. Wahamba amaze ngamazwe ngenxa yomculo wakhe we-Opera ayewushaya ngesiZulu.
Ngonyaka ka-2003 owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki wahlonipha uMntwana uMagogo ngendondo ye-Inkhamanga yegolide, babehlonipha labo abasuke benze umlando kwezobuciko.
UMntwana uMagogo nowayengumfowabo weSilo uSolomon kaDinuzulu, waganela kwaButhelezi ,ethathwa iNkosi uMathole ngonyaka ka-1926.
Wabe esebusiswa ngezingane ezintathu okunguMntwana wakwaPhindangene, kube uMntwana Morginah Sponono Phikabesho Tapoti Ntombiyokuhlupheka Dotwana nowayegane udokotela wase-Eastern Cape, uDkt Exdras Mafu Dotwana, bese kuba uMntwana u-Admarah owashadela kwaVilakazi.
