Kudutshulwe kwabulawa umvikeli wemvelo wase-Kenya

Arthur Greene

Sekuyiminyaka engamashumi uJoannah Stutchbury evikela iHlathi lase-Kiambu konjiniyela – kodwa manje useshonile.

UStutchbury, esinye sezishoshovu ezivelele kwezemvelo e-Kenya, udutshulwe wabulawa ngoLwesine olwedlule ngesikhathi ebuyela ekhaya lakhe e-Nairobi.

Omakhelwane batshele amaphoyisa ukuthi lo mvikeli wemvelo oneminyaka engama-67 ubemise imoto yakhe ukuze asuse amagatsha ebesendleleni yakhe ngesikhathi edutshulwa amahlandla amaningi.

Izimpahla zakhe eziyigugu ebezisemotweni yakhe, ziveze ukuthi ukubulawa kwakhe bekungekhona ukubanjwa inkunzi noma ukudunwa imoto.

UStutchbury ubezinikele kakhulu ekuvikeleni ihlathi lase-Kiambu kubantu abaphazamisa umhlaba nakubathuthukisi abazimele. Usebenze ngokuzikhandla ukuze abavimbe ekudilizeni amahlathi amakhulu ukwakha imigwaqo nezindlu.

Ngowezi-2018 waba sematheni emazweni omhlaba ngesikhathi ehlala phansi ebhakedeni lokumba kugandaganda futhi wenqaba nokunyakaza.

Kodwa imikhankaso yakhe esezingeni eliphezulu yamlethela izitha eziyingozi, futhi eminyakeni edlule wathola izinsongo eziningi zokubulawa.

Kodwa noma kunjalo, akazange anikezwe ukuvikelwa ngamaphoyisa.

Ukubulawa kukaStutchbury kuyinto yakamuva ezigamekweni eziningi zokubulawa kwabavikeli bemvelo base-Kenya. Ngowezi-2018, u-Esmond Bradley Martin, ongumvikeli wemvelo waseMelika kodwa ozinze e-Kenya, wagwazwa wabulawa emzini wakhe e-Nairobi.

UJoan Roots noJoy Adamson nabo babulawa ngokuzama ukuvikela imvelo.

UMengameli wase-Kenya u-Uhuru Kenyatta naye ukugxekile ukubulawa kwalaba bantu, futhi uchaze uStutchbury njengobehamba phambili ekuvikelni imvelo yethu.

UDkt Paula Kahumbu, oyi-CEO ye-WildlifeDirect uthe ushaqekile umkhakha wezemvelo.

“Kubuhlungu kakhulu,” kusho yena.

UKahumbu ugxeke kakhulu uhulumeni ngokungabahlinzeki ngokuvikelwa ngamaphoyisa ososayensi bezemvelo.

Uthe uStutchbury watshela iziphathimandla nezinye izinhlangano ukuthi ucabanga ukuthi impilo yakhe isengcupheni. UKahumbu uphinde wathi ukubulawa kukaMartin, uRoots no-Adamson akukaze kuxazululwe namanje.

“Ziningi izinto ezimbi ezenzeka kwimvelo yase-Kenya,” esho.

“Abantu bahlalele ovalweni kanti ngisho nezikhulu ziyasaba. Kodwa akekho obecabanga ukuthi khona ongabulala isalukazi esinjengoJoanna. Lokhu bekungubugwala obukhulu.”

Umthombo wesithombe: @Protect_Wldlife

Izihloko zakamuva