Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ibhixene eqenjini uMkhonto weSizwe ngenxa yemali engu-R56 million eyanikezwa iqembu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal osekuholele ekutheni kumiswe abaholi abaqavile ngenxa yayo.
UMholi woMkhonto weSizwe Party uMnuz Jacob Zuma nesigungu esibizwa nge-High Command bakhiphe izincwadi zokumisa uMnuz Thobani Zuma, uDkt Kwazi Mbanjwa kanye noyimenenja ehhovisi lekhokhasi yeqembu esiShayamthetho uMnuz Sifiso Zuma.
Abagcinanga lapho kodwa baphinde babayalela ukuba kuzomele bavele ekomitini lezokushushisa ngaphakathi eliholwa uMnuz Nathi Nhleko okewaba nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli.
Ngemuva kwalezi zincwadi, kucishe bachitheka bugayiwe eNkandla kukhona abebesolwa ngokuzohlasela uZuma ngoba befuna ukwazi incazelo ecacile ngokumiswa kwabaholi baleli qembu abagudluzwe naseSishayamthetho kuze kube kuphothulwa uphenyo.
Kugcine sekubhekwana ngeziqu zamehlo phakathi kwalamalungu namaSosha oMkhonto weSizwe Party azibiza ngokuthi amaDelakufa.
AmaDelakufa adudulane naleli qulu aliqhelisa esangweni lo muzi kaZuma okwaDakwadunuse eNkandla.
Leli qulu ligcine seliyoma emgwaqeni omkhulu odlula ngakwaZuma oqhamuka ngaseTolwane obheke e-Kranskop.
Le mali ikhishwa iKhomishana ibhekele ukhetho bese uyinikeza amaqembu ngokumeleleka kwawo EsiShayamthetho.
UMbanjwa noThobani Zuma noSfiso Zuma basolwa ngokuthi bavele bagweva nale mali okumele ikhokhele amahhovisi abizwa ngama-Constituency okungawamalungu eqembu okuba alalele izikhalo zabantu kuwo.
Kukhalwa nangokuthi abasebenzi balamahhovisi abaholile, abanye sebenza nezinsolo zokuthi oZuma noMbanjwa sebeyacwebezela futhi nabangani babo babonakala bethwebula izithombe e-Dubai nokwenza kusolwe ukuthi kubhubhudlwa le mali.
Umholi weqembu uZuma kuthiwa udinwe uyaveva ngoba neqembu libhekene nesikweletu sika-R30 million esadalwa imikhankaso yokhetho lukazwelonke obelungoNhlaba mhlaka 29.
Kuthiwa nezincingo zikaZuma abasazibambi bayamuziba uma efona kodwa lokhu bakuthathe njengehlaya bethintwa i-Scrolla.Africa.
“UMbanjwa usesusiwe esikhundleni sokuhola ikhokhasi yeqembu esiShayamthetho, waphinde wamiswa eqenjini ngokukhulu ukushesha kuze kuba kuphothulwa uphenyo. UThobani Zuma naye usemisiwe ngokukhulu ukushesha eqenjini nasesiShayamthetho, uSfiso Zuma yena usebhalelwe incwadi yokumazisa ngesinqumo sokuba amiswe ngokushesha eqenjini nasemsebenzini wakhe,” kusho isitatimende esikhishwe umkhulumeli weqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela.
Umholi weMKP esiFundeni iKing Cetshwayo okunguMnuz Dumsani Khanyile ukhuze wababaza ngokuziphatha kwamalungu abegasele kwaZuma eNkandla, wathi akekho umuntu onelungelo lokuziphatha budedengu eqenjini uma ubuholi sebusithathile isinqumo.