Kuboshwe amadoda amabili ngemuva kwevidiyo esabalele yabesifazane bedlala ngezibhamu

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezibonakale kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana abopha amadoda amabili ngemuva kokuthola lezi zikhali okuthiwa bezingekho emthethweni.

I-Gun Free South Africa ithi ividiyo yesibhamu ikhombisa ukuziphatha okuyingozi osekujwayeleke kweminye imiphakathi.

Abesilisa ababili kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa ngoMsombuluko ngemuva kokuba amaphoyisa ebahlanganise ne-video ekhombisa abesifazane bedlala ngezibhamu.

Lezi zithombe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto zadonsa amehlo amaphoyisa.

Kule video kubonakala abesifazane ababili bekhombana ngezibhamu budedengu.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe amaphoyisa alandele abasolwa ababili okukholakala ukuthi bangabanikazi bezibhamu.

“Izibhamu ezibonakale kwividiyo zithathwe ngamaphoyisa kanti uphenyo lokuqala luveza ukuthi lezi zibhamu azinalayisensi,” kusho uMathe.

Laba balisa ababili manje babhekene namacala ahlobene neFirearms Control Act, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, kanye nokutholakala nemoto eduniwe.

UMathe uthe ibamba likaKhomishana kazwelonke uLieutenant General Shadrack Sibiya uxwayise ngokuthi amaphoyisa azothatha izinyathelo ezinqala kubantu abasebenzisa izibhamu budedengu.

“Ibamba likaKhomishana kazwelonke lithe ukuboshwa kwalaba kuthumela isexwayiso esiqinile sokuthi ukuphathwa budedengu nokukhonjiswa kwezibhamu ngeke kubekezelelwe, futhi amaphoyisa azothatha izinyathelo ezinqala ngokumelene nalabo abephula umthetho,” kusho uMathe.

“Amaphoyisa aphinde axwayise amalungu omphakathi ngokuphatha budedengu nokukhonjiswa kwezibhamu, ngoba lokho kubeka izimpilo zabantu engozini futhi kuyicala elibi kakhulu.”

I-Gun Free South Africa ithe lesi sigameko sikhombisa indlela okuyingozi ngayo ukubeka isibhamu budedengu.

Okhulumela inhlangano uStanley Maphosa uthe abantu abaningi babona izibhamu ngendlela engafanele njengophawu lwamandla, ukuphepha kanye nesimo.

“Izibhamu beziklanyelwe ukubulala nokulimaza,” usho kanje.
UMaphosa uthe ukusebenzisa izibhamu kwezokuzijabulisa noma ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa ukuntula ulwazi ngokuphepha.

“Kuphinde kudalule imingcele yokuthembela embonweni othi kunabantu abangabanikazi bezibhamu abaqotho,” esho.

Abantu bayawenza amaphutha, baziphatha ngendlela ethinta inhliziyo, baziphatha budlabha futhi baba nobudedengu.

Uthe lesi sigameko sikhombisa inkinga enkulu eNingizimu Afrika, lapho imiphakathi isivele ibhekene nezinga eliphezulu lodlame lwezibhamu.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa abophe amadoda amabili amataniswa nevidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Umthombo wesithombe: Amaphoyisa AseNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva