Dylan Bettencourt
I-South African National Editors’ Forum (Sanef) ithe izintatheli zizoba emgqeni olandelayo ukuthola umuthi wokugomela ukhuvethe.
Lokhu kufaka phakathi izintatheli zomphakathi nezizimele.
Uhulumeni uziqinisekisile lezi zindaba, ememezela ukuthi kuzokwenzeka ngokushesha uma nje zonke izindlu zabezindaba zifaka imininingwane yazo maqondana neminyaka yobudala yabasebenzi kanye nezifunda abasebenza kuzo.
Zonke izintatheli ezifanelekayo kusazodingeka ukuthi zifake izicelo zokugoma nge-Government Communications and Information System (GCIS).
Isitatimende esikhishwe yi-Sanef sisamukele isinqumo sikahulumeni, njengoba izintatheli ezweni lonke zifake impilo yazo engcupheni selokhu kuqale ubhubhane lokhuvuthe.
“Ngisho nangezikhathi zokuqubuka kwegciwane elihlukene, izintatheli azikaze zithole ithuba lokumisa imisebenzi yazo noma zisebenze ekhaya ngenxa yesimo somsebenzi wazo obucayi eziwenzayo,” kusho isitatimende.
Le nhlangano iphinde yanxusa zonke izintatheli ukuthi zithathe lo mgomo: “Sinxusa zonke izintatheli nezinhlangano zabezindaba ukuthi zigome ukuze uhulumeni akwazi ukushesha angene ezingxenyeni eziseqhulwini ezilandelayo.”
Kusukela ekuqaleni kukaNhlangulana, uhlelo lokukhishwa kwemithi yokugoma luzobhekiswa kakhulu kubasebenzi ababalulekile abangakagonywa okwamanje.
Isethi yokuqala yabasebenzi ababalulekile ukuthola lo mgomo kuzoba yizikhulu eziyi-145,000 kanye nezakhamizi ezingama-36,000 ezisebenza embuthweni wamaphoyisa nakumbutho wezokuvikela.
INingizimu Afrika kuze kube manje isagome abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili.
Umthombo wesithombe: @BusinessLIVE