Izindaba zaseKZN: UMaharaj ugxeka labo abasola uMthethosisekelo ngokuhamba kancane kwezinguquko

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

EDurban: Iqhawe lomzabalazo nowayengumkhulumeli kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Mac Maharaj, usegxeke labo abathi uMthethosisekelo wakuleli wawukushaya indiva ukuguquka kwezomnotho ngesikhathi ubhalwa. UMaharaj ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kokugcinwa kwemininingwane kaBilly Nair e-Durban University of Technology muva nje.  UMaharaj uthe ukugxeka kuyadukisa. “Akulungile ukusola ukuthi uMqulu Wamalungelo wazishaya indiva izindaba ezithinta umnotho. I-Constitutional Assembly yakuqhaphela ukuthi umgomo wokulingana kumele ungene phakathi kwamalungelo ezenhlalakahle nezomnotho. Izinkinga zezindlu, ezempilo, ukudla namanzi, ukuvikeleka komphakathi, izidingo eziyisisekelo zezingane, imfundo, ukuvikelwa kwemvelo kanye namalungelo athile okubuyiswa komhlaba abhalwe ngokucacile kuMqulu Wamalungelo,” kusho uMaharaj. Uthe ukukhathazeka mayelana nezinga kanye nesivinini sokufinyelela kuguquko lwezenhlalo nezomnotho akulungile uma kubangelwa amaphutha akuMthethosisekelo. “Akumele nanini sesabe ukuzibuka esibukweni. Nokho-ke asiqinisekise ukuthi akusona isibuko esihlanekezelayo esishintsha ukubukeka kwanoma yini ebonakala kuso,” kusho uMaharaj. Ukukhathazeka kwakhe kuza njengoba amaqembu afana noMkhonto weSizwe efuna kubuyekezwe uMthethosisekelo ikakhulukazi mayelana noguquko lomnotho kanye nokwabiwa kabusha komhlaba.

E-Estcourt: I-National Prosecuting Authority iyasamukela isigwebo sikadilikajele kanye neminyaka engu-23 eyengeziwe ejele enikezwe uVusimuzi Victor Makhaye yiNkantolo yesiFunda yase-Estcourt. Lokhu kulandela ukugwetshwa kwakhe ngamacala okugebenga esebenzisa isihluku, ukubulala kanye nokulwisana nobulungiswa. La macala asukela ekubulaweni kowayethandana naye uNosipho Constance Madondo(40) ngoMandulo wango-2023. UMakhaye noMadondo, ababethandana, babehlala eMooi River nase-Estcourt.  Ngaphambi kwalesi sigameko, uMakhaye wakha icebo lokubulala uNksz Madondo nokumphuca nezimpahla zakhe. Wamyengela eMooi River enza sengathi wayemtholele udizili wemoto yakhe. UMakhaye ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala okugebenga esebenzisa isihluku, udilikajele ngecala lokubulala neminyaka eyisishiyagalombili ngokuphula umthetho. Inkantolo iyalele ukuthi azidonse kanye kanye izigwebo zokugebenga esebenzisa isihluku kanye nokulwisana nobulungiswa . Kuthiwa akakulungele nokuba nesibhamu.

ELadysmith: UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli uchaze umsunguli weLadysmith Black Mambazo njengendoda ebithobekile. UNtuli ubekhuluma emngcwabeni kaMudletsheni Albert Mazibuko eNtabamhlophe, eKZN Midlands, ngoMgqibelo. UNtuli uncome uMazibuko njengenxusa lomculo waseNingizimu Afrika elisabalalise ukuthula, uthando nokuzwana emhlabeni. UNdunankulu wengeze ngokuthi nakuba ebewumuntu odumile uMazibuko ubewumuntu othobekil e kwaze kwaba wusuku lwakhe lokugcina emhlabeni. “Uzwelo nothando lukaMazibuko ngabantu lwalungenamingcele, ubeyindoda ezithobile ekhonze iLadysmith Black Mambazo ngokwethembeka, ukuzinikela kanye nenkuthalo,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.

Osesithombeni esingenhla: Lowo owayenguMkhulumeli kaMengameli u-Mac Maharaj uthe kuyadukisa ukusola uMthethosisekelo ngokungabi bikho koguquko kwezomnotho.

Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaMongameli 

Izihloko zakamuva