Izindaba zaseKZN ezifingqiwe:UMkhanyakude ukhangise ngezinyanga nemithi kowe-Africa Tourism Indaba

EThekwini: Isifunda saseMkhanyakude enyakatho neKwaZulu-Natal sisebenzise i-Africa Travel Indaba ukukhombisa ngamakhambi esintu kanye namakhono okubonisana nezangoma ukuze sihehe izivakashi. Lokhu kwenzeke e-Durban ICC, lapho bekubanjwe khona i-Africa’s Tourism Indaba yaminyaka yonke ngesonto eledlule, ebihanjelwe yizithunywa ezingaphezu kuka-9 000 ezivela emazweni angu-44. Esigcawini saso sombukiso, isifunda sakha ikamelo lokubonisana eliphelele (indumba) lapho izithunywa nezivakashi zikwazile ukuxoxisana nesangoma esibhalisiwe (umelaphi wendabuko). IMeya yaseMkhanyakude uSiphile Mdaka uthe lolu hlelo luyingxenye yesu lesifunda lokwengeza ezokuvakasha ngaphandle kwezilwane zasendle kanye nezindawo ezisogwini ngokuqhakambisa amasiko nemikhuba yokwelapha ejulile. I-Africa’s Travel Indaba 2026 iphothulwe eThekwini ngokugxila kakhulu ekukhuleni kwezokuvakasha, ukubambisana kwezohwebo, nokusebenzisana kwesifunda kulo lonke izwekazi lase-Afrika.

ESundumbili: Amaphoyisa KwaZulu-Natal ahlenge owesifazane owayethunjwe kanye nabanye abayisikhombisa emzini wabo eChappies Section endaweni yaseMandeville eSundumbili ngamadoda angaziwa ezintatha zangoLwesihlanu ngomhlaka-15 kuNhlaba ka-2026.
Izisulu eziyisikhombisa kuthiwa zidedelwe KwaDabeka ngemuva kwesikhashana; Nokho, owesifazane, osanda kuthola inkokhelo yakhe ye-Road Accident Fund (RAF), uyiswe endaweni engaziwa. Ithimba leProvincial Tracking Team lazisiwe, futhi amaphoyisa awachithanga sikhathi athola imoto eyodwa kwezimbili ezisetshenziswe ngesikhathi kuthunjwa, abe esebopha abasolwa abathathu. Uphenyo luholele amaphoyisa ePhoenix, lapho isisulu, esilinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala, sitholakale singenamyocu. Amaphoyisa anxusa abahlomuli be-RAF ukuthi bangazidaluli izinkokhelo zabo noma baziqhayise ngale mali. Abasolwa bazame izikhathi eziningi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, okho, bakwazi ukuthenga ngemali efinyelela ku-R30,000.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze. Kusaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa abangaba ngaphezulu.

EMnambithi: Bangu-61 sebebonke abashayeli ababoshelwe ukushayela bephuzile eMnambithi ngempelasonto, abangu-21 baboshwe ngoLwesihlanu kwathi ngoMgqibelo baba ngu-40.
UDuma umemezele ukuthi bangu-6,195 abashayeli asebeboshiwe kusukela kwethulwa umkhankaso i#NenzaniLaEzweni Operation ngomhlaka-15 kuNcwaba ka-2025.
Kwababoshwe eMnambithi kule mpelasonto kubalwa umqondisi wenkampani yabangcwabi, odokotela ababili, amasosha amathathu e-SANDF, uphiko lwezempi lwe-SANDF, othisha abathathu, abesifazane abane, uchwepheshe wezokuthuthukiswa komphakathi, abashayeli bamatekisi abathathu abathwele abagibeli, umakhenikha, no-plumber.

Esithombeni esingenhla: Isangoma sasesigodini saseMkhanyakude sikhangise ngamakhambi aso kanye namanye amakhono aso okuthintana nabantu bendabuko ku-Africa’s Tourism Indaba ka-2026.

Umthombo wesithombe: uMkhanyakude District

Izihloko zakamuva