EThekwini:Usihlalo we-NFP noyiMeya yaseDumbe,Kwazulu-Natal, uMnuz Sbusiso Mkhabela uthi ungqongqoshe uMbali Shinga akangathintwa ngoba uqokwe uNkulunkulu ukusebenzela abantu kulo mnyango akuwo.
UMkhabela ukusho lokhu ekhuluma emcimbini obuseThekwini ngoLwesine wokwemukela oSonhlalakahle ababalelwa ku-150 abaqashwe uMnyango kangqongqoshe uShinga okungowezokuThuthukiswa koMphakathi nabazojutshwa ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.
“Lo mnyangop ubususwe uNkulunkulu futhi noNgoqngqoshe owuphethe uMbali Shinga uqokwe uNkulunkulu ngakho umphazamisa kanjani umuntu kaNkulunkulu emsebenzini wakhe ,”kubuza uMkhabela.
Ukusho lokhu nje iqembu lisanda kuxosha uNgqongqoshe uShinga, laze labhalela noSomlomo wesiShayamthetho ukuba amgudluze ukuze kungene umengameli we-NFP, uMnuz Ivan Barnes ezobanguNgqongqoshe. Kodwa uNgqongqoshe uShinga ushaya phansi ngonyawo.
Naye uMkhabela uzulelwa amanqe njengoba iqembu lizama ukumxosha benePhini le Meya yaseMhlabuyalingana, uNksz Zodwa Mtshali ngemumva kokuthi bobabili bephumele obala esidlangalaleni bayokweseka uNksz Shinga enkantolo emgqungundlovu ngenyanga eyedlule ngesikhathi evimba ukuxoshwa kwakhe eqenjini.
IHammarsdale: I-Democratic Alliance eWest Durban izilele ukushona kwephoyisa uMbalenhle “Mbali” Msomi.
Iqembu lichaze uMsomi njengephoyisa elikhuthele elalikhonza umphakathi walo futhi lalwa nodlame olusekelwe ebulilini. Ukushona kwakhe kubangele ubuhlungu obukhulu nentukuthelo eHammarsdale nasezindaweni ezizungezile.
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele eNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale ngoLwesihlanu.
I-DA ithe amaphoyisa kumele enze uphenyo olufanele nolungenacala ngaphandle kokungqubuzana kwezintshisekelo.
“Umndeni nomphakathi bafanelwe ukuqiniseka ukuthi bonke ubufakazi buzophenywa kahle futhi bubekwe phambi kwenkantolo,” kusho iqembu.
I-University of KwaZulu Natal: UProfesa u-Amir Mohammadi uqokwe njengososayensi ohamba phambili eNingizimu Afrika kwezobunjiniyela nobuchwepheshe.
Inyuvesi igubhe impumelelo yakhe ngoLwesine ngemuva kokungena kunombolo-316 ohlwini lwamazwe omhlaba lwe-Research.com lwango-2026.
UMohammadi unguprofesa wobunjiniyela bamakhemikhali. Ipulatifomu imbeke endaweni yakhe ngokusekelwe komsebenzi wakhe oshicilelwe nomnikelo wakhe jikelele kwisayensi. Uphinde wawina umklomelo we-Research.com Engineering and Technology Leader Award ka-2026.
USolwazi Glen Bright ungumqondisi kanye nenhloko yeSikole Sobunjiniyela. Uthe lo mklomelo ukhombisa umthelela wocwaningo lukaMohammadi emhlabeni wonke kanye nomsebenzi wakhe onzima kwezobunjiniyela.
Esithombeni esingenhla: USbusiso Mkhabela uxhawulana nePhini likaNgqongqoshe Wezabasebenzi uJomo Sibiya ngenkathi uMbali Shinga ebuka.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
