Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: Uphiko lwentsha le-ANC lushintshe umqondo ngokuxosha abokufika abasebenza kuleli ngokungemthetho

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba ezenzeka KwaZulu-Natal.

EVerulam: Uphiko lwentsha lwe-ANC lushintsha ukuma kwalo mayelana nokuxosha abokufika abangekho emthethweni abaqashwe emafemini amaningi eThekwini. Lokhu kulandela umkhankaso wabo omusha oholwa ubuholi besiFunda seTheku eVerulam, enyakatho yeTheku, lapho bethole khona abantu bokufika abangaphezulu kuka-57 abaqashwe khona ngokungemthetho. Uphiko lwentsha ye-ANC luthole ukugxekwa emiphakathini eminingi ngemuva kokuchitha imikhankaso yamaphoyisa nezinye izinhlangano ebibhekiswe ezinkampanini eziqasha abokufika ngokungemthetho phezu kwabantu bakuleli. Lo mkhankaso obuseVerulam ubuholwa nguNobhala wophiko lwentsha lwe-ANC esifundeni saseThekwini uNkk Nokulunga Khuzwayo kanye nePhini likaSihlalo uMnuz Sphelele Nene.

EThekwini: INkantolo yesiFunda eThekwini igwebe lowo owayengumshushisi uNtokozo Mzulwini (36) iminyaka emihlanu ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokwephula umthetho. Icala lenzeka ngoMfumfu ka-2022 ngesikhathi esemsebenzini eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Ngomhlaka-27 kuMfumfu ka-2022, ngesikhathi enza umsebenzi wakhe wokuba uMshushisi Wenkantolo Yesifunda, uMzulwini wakhuluma amanga kubashushisi ababili abalawula amacala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Ubejutshwe ukuba ashushise ummangalelwa, uMnu Khan, obekwe icala lokufika kuleli ngokungemthetho ngokwephula iSigaba 49 somthetho i-Immigration Act. Lapho elahlwa yicala, leli cala lidinga ukudingiselwa ezweni azalelwa kulo ummangalelwa, eMalawi, futhi alikuvumeli ukukhetha inhlawulo yokuvuma icala ngokweSigaba 57A soMthetho Wezinqubo Zobugebengu. UMzulwini waqamba amanga watshela iControl Prosecutors ukuthi uMnu Khan wephule iSigaba 37(b) somthetho iRefugees Act, omayelana nokuphelelwa yisikhathi kwemvume futhi evumela ukukhokhwa kokuvuma icala ngaphandle kokudingiswa. Ethatha lesi sitatimende esingelona iqiniso, uMzulwini walungiselela amaphepha aveza icala elingelona iqiniso, nakuba ubufakazi ubukwidokhethi buqinisekisa ukuthi uMnu Khan wayengeyena umbaleki kodwa wayengowokufika kuleli ngokungemthetho.

EMayville: UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, wengamele isithangami sokudidiyela sikaNdunankulu esise-Archie Gumede Conference Centre eMayville ngoLwesihlanu. Lesi sithangami siyinkundla ehanjelwa amalungu oMkhandlu oPhethe, izimeya, amakhansela nezinye izinhlaka. Igxile ekulethweni kwezinsiza ngendlela enempumelelo. Ethula inkulumo yakhe yokuvula uNdunankulu uNtuli unxuse ababambiqhaza ukuthi bafake isandla ngendlela eyakhayo ezingxoxweni ezithinta ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ikakhulukazi komasipala abahamba phambili ekuqinisekiseni ukuthi izinsiza zifinyelela kubantu ngokushesha, ngempumelelo.

Esithombeni esingenhla: Uphiko Lwentsha ye-ANC, abaholi besifunda saseThekwini bagasela amafemu amaningi atholwe enabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.

Umthombo wesithombe: ANCYL

Izihloko zakamuva