Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: Sebezobasemthethweni abalungisa amakhanda eThekwini

EMlazi: Bangaphezu kuka-600 abanikazi bezindawo zokucwala izinwele abaphume ngolwesine esigcemeni sakwa-V ukuyobhalisa amabhizinisi abo njengoba iTheku lethula umkhankaso wokuletha lo mkhakha emnothweni osemthethweni. Uhlelo lokubhalisa luklanyelwe ukuvula iminyango yoxhaso lwezimali, amalayisensi kanye nokwesekwa kwebhizinisi kubanikazi bezindawo zokucwala izinwele abebesebenza ngaphandle kokuqashelwa ngokusemthethweni. UKhansela Thembo Ntuli, ongusihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlelwa kweDolobha, uthe lolu hlelo luzosiza abanikazi bezindawo zokucwala izinwele ukuthi bathobele futhi bathole amathuba okukhula. Lo mkhankaso uzosatshalaliswa ezifundeni eziningi eThekwini ngoNtulikazi.

EPark Rynie: Umshayeli wemoto waseLimpopo uboshelwe ukushayela ephuzile ngoLwesine ekuseni ngemuva kokuphuma ehhotela ahlala kulo eMhlanga Rocks eyothenga i-KFC noqhele ngamakhilomitha angu-80 ePort Shepstone. AbeRoad Traffic Inspectorate bambophe ngaku-N2 ngezithuba zabo-08:30. UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uSiboniso Duma, ekhuluma nomkhankaso wakhe othi #NenzaniLaEzweni, uthe ngesikhathi amaphoyisa ekhuza umsolwa ngokushayela kwakhe ngendlela engaqondakali, wawatshela ukuthi uvele waphuma eyothenga ukudla waduka.

EThekwini: Ugwetshwe udilikajele owayenguthishanhloko kanye nasolwa nabo ngecala lokubulala uCaptain Zwelakhe Ntombela eNkantolo eNkulu yaseThekwini. USithembiso Khumalo (56) uthole ezinye izigwebo ezihambisanayo zeminyaka eyisishiyagalombili ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, izinyanga ezingu-18 ngokutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni, neminyaka eyisishiyagalombili ngokuphula umthetho. Lowo asolwa naye uKhulani Cele (48) naye uthole udilikajele. Womabili amadoda ahlonzwe njengangafanele ukuba nesibhamu.

EZululand: Umthetho wezokhetho waseNingizimu Afrika uvimbela noma ngubani ukuba abe yikhansela kumasipala lapho engabhalisiwe khona. UMengameli we-NFP u-Ivan Barnes usebambe isihlalo somkhandlu kaMasipala waseZululand kusukela ngo-2024. Isikhungo sakhe esibhalisele ukuvota siseWinston Park Primary School eGillitts, entshonalanga yeTheku. Lokho kusho ukuthi isihlalo sakhe kungenzeka ukuthi besingekho emthethweni kusukela ngosuku asithatha ngalo. Futhi kuze kube kuleli sonto, akekho okuphakamisile lokho ngokusemthethweni.

Abasesithombeni esingenhla: Abanye babanikazi bezindawo zokucwala izinwele babhalisa amabhizinisi abo eMlazi V Section.

Umthombo wesithombe: Nonjabulo Chamane (eThekwini)

Izihloko zakamuva