Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: iMKP iyavutha ngababulawe umphathi emsebenzini

ECamperdown: Abasebenzi abathathu kusolakala ukuthi babulawe ngumphathi wabo eCamperdown kulandela ukungaboni ngasolinye ngomholo.
UBalan Pillay (45), uKenneth Nichols Halgryn (46),noClive Anthony (69) batholwe bedindilizile bebheke phansi endaweni yokusebenzela, amapayipi okusolakala ukuthi abengene emizimbeni yabo. Usomabhizinisi u-Aldane Donnelly (40) uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseCamperdown ngamacala ahlobene nokubulala.
Okhulumela i-MKP esiFundeni seTheku, uMnuz Mkhanka Zuma, uthe iqembu libheka ukubulawa kwabantu njengenkomba yenqubo yonxiwankulu ethatha abantu abampofu nabasebenzi njengento engasetshenziswa.

EThekwini: UMengameli uCyril Ramaphosa utshele izithunywa ze-Africa Indaba ukuthi iNingizimu Afrika yasebenzisa ubuMengameli bayo be-G20 ukuxhasa izinto eziseqhulwini zeGlobal South, okuhlanganisa ezokuvakasha ezisimeme, ukutshalwa kwezimali kwengqalasizinda kanye nokukhula ngokulingana.
Ekhuluma e-Durban ICC ngoLwesibili ngesikhathi kuvulwa i-Africa Indaba 2026, uRamaphosa uthe unyaka we-G20 uvumele iNingizimu Afrika ukuthi ihlole uhlelo lwe-Electronic Travel Authorization oseluqalisiwe ukuze kube lula ukuhamba kwezivakashi.
“Ezokuvakasha ngeke zikhule ngaphandle kokuxhumana. ENingizimu Afrika nakuso sonke isifunda, sibone ukwanda kwezihlalo zezindiza ngonyaka odlule,” esho.

ERichards Bay: I-IFP isizwakalise ukushaqeka ngokushona kwePhini leMeya yaseMhlathuze uKhansela Christo Botha, oshone ngoLwesibili ngemuva kokugula isikhashana.
Leli qembu lichaze uBotha njengenceku ezinikele kubantu owake waba yikhansela kusukela ngo-2011, waqala ngaphansi kwe-IFP wagcina esengaphansi kwe-DA kusukela ngo-2016 waze washona. Usebenze njengoSihlalo we-Electricity Portfolio Committee ngaphambi kokuba aqokwe njengePhini leMeya ngo-2023.

Abasesithombeni esingenhla: UBalan Pillay, uKenneth Nichols Halgryn noClive Anthony, okusolakala ukuthi babulawa umqashi wabo eCamperdown ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva