E-Bergville: Idolobhana lasemakhaya i-Bergville e-Drakensberg, maphakathi ne-KZN, linesizathu sokujabula ngemuva kokuthi udokotela wendawo enze umphakathi wakubo uziqhenye ngesikhathi ethula inkulumo evule amehlo mayelana nokubandakanyeka kwezombusazwe emkhakheni wezempilo e-London. Ngemva kwenyanga ethweswe iziqu eLondon School of Hygiene and Tropical Medicine for her Masters in Public Health ngomhlama-31 kuNdasa, uDkt Lethulwanama Letsoalo usababaza ezinkundleni zokuxhumana ngokuziqhenya ngedolobha lakubo. Wathinta nezinhliziyo zabaningi ngesikhathi ethula unina owayekwi-gallery waphinde wambingelela ngesiZulu. Abaningi abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bathanda ubuqhawe bakhe kanye nempumelelo yakhe ngesikhathi ephakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika nedolobha langakubo laseBergville. Utshele ontanga yakhe ukuthi ukunakekelwa kwezempilo akuyona nje indaba yezempilo. Kubunjwa yipolitiki, umnotho kanye nokungalingani okujulile. ILondon ayizange ishintshe lapho evela khona. Kwamenza wakubona ngokucacile. Ukhumbuze abantu ukuthi izifundo abazifundayo azigcini nje ngokubabeka ezingeni eliphezulu kodwa zibafundisa ukunakekela impilo.
EThekwini: INational Prosecuting Authority iyasamukela isigwebo sikadilikajele esinikezwe lowo owayeyiphoyisa likaMasipala uThulasizwe Qiniso Sishi, (41) yiNkantolo eNkulu yaseThekwini. Lokhu kulandela ukuvuma kwakhe icala lokubulala unkosikazi wakhe, uThandokuhle Verontter Sishi, (48) ngoNtulikazi ka-2025. Esicelweni sakhe, uSishi waveza ukuthi babethandana futhi babehlala ndawonye. Uthe ubudlelwano babo buhambisana nolaka oluphindelelayo nodlame oluvela ezinhlangothini zombili nokwaholela ekutheni bafake isehlukaniso ngoLwezi ka-2024. Nokho baphinde bashada ngoNhlaba ka-2025.
KwaCeza: Amaphoyisa aKwaCeza ngasoLundi enyakatho neKZN acela usizo lomphakathi ngokuthola uMnuz Sabelo Mbatha (35) owagcina ukubonakala ngomhlaka-5 kuMasingana ka-2025 endaweni yaseDayingubo KwaCeza. Ngesikhathi enyamalala ubegqoke idenim eluhlaza okwesibhakabhaka nesikibha esiluhlaza. Kunxuswa onolwazi mayelana nokuthi ukuphi uMbatha ukuthi athinte umphenyi uDetective Warrant Officer Shandu ku-079 889 9602 noma athinte uCrime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: Inkulumo kadokotela waseBergville yaseLondon yokuthweswa iziqu inyakazisa abantu ezinkundleni zokuxhumana.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
