Izimvula ezinamandla zidale umonakalo eLimpopo

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Bayisithupha abantu asebeshonile ngenxa yemvula enamandla ehlasele indawo yase-Mopani e-Limpopo emasontweni adlule.

Khonamanjalo abalimi bakulesi sifundazwe baphelelwe ithemba ngomonakalo odlangile wezitshalo.

UMasipala Wesifunda sase-Mopani (MDM) ubhekane nenhlekelele yezimvula kwaminza abantu abayisithupha ngesonto eledlule ngenxa yokugcwala kwamadamu nemifula.

Kubikwa ukuthi kugwilize abathathu e-Phalaborwa. Ikhehla elineminyaka engu-59 ubudala liminze emfuleni i-Selati kwagwiliza izingane ezimbili ezineminyaka emithathu neyisikhombisa ubudala ngesikhathi ziwela ngephutha ethoyilethi elisanda kumbiwa eligcwele amanzi esigodini sase-Tshubje.

Kwenzeke isigaba esifanayo esenzeka e-Tzaneen ngesikhathi kugwiliza ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ngesikhathi iwela ethoyilethi lomgodi e-Xihoko Village.

Kwenye indawo kugwilize umfundi webanga lesishiyagalokunye e-Mamokgadi Village ngesikhathi ebhukuda emfuleni uMmaba kanti isidumbu sowesifazane sitholakale emfuleni e-Sekhiming Village.

IMeya yase-Mopani uPule Shayi uthumele amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe izihlobo zayo.

U-Isaac Rahlane (54) utakulwe yindiza enophephela emhlane ye-SANDF ngemuva kokubhajwa esihlahleni izinsuku ezine emfuleni iLetaba obugcwele amanzi ngenxa yezikhukhula.

Ilungu lomphakathi ebelizama ukusiza u-Isaac licishe laminza emfuleni, ngenhlanhla usizo lufike ngesikhathi bakwazi ukuhlengwa bobabili. Izingxenye eziningi zesifundazwe zisalindele imvula.

Khonamanjalo, izitshalo kuso sonke isifunda zonakaliswe amanzi.

USihlalo wenhlangano ye-Mopani Farmer’s Association, uMnu Adam Mabunda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amasimu amanye amalungu acekeleke phansi.

“Yize kungebona bonke abantu abathintekile, lokhu kubangele ukuphazamiseka okukhulu mayelana nokukhiqiza nesikhathi sokuvuna.”

UMabunda uthe enye inselelo abanayo ukungakwazi ukufutha izitshalo zabo ngomuthi obulala izinambuzane ngoba uma benza kanjalo imvula ingafika ikhukhule amakhemikhali.

“Njengamanje sihlaselwa kakhulu izinambuzane ezifana nezicabucabu ezibomvu nezinambuzana. Amakhemikhali abiza kakhulu futhi lokhu kwenza isimo sibe nzima.”

Isithombe esingenhla: Idamu lase-Tzaneen elixhunywe nomfula iLetaba.

Umthombo wesithombe: Umnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle e-Limpopo

Izihloko zakamuva