
Moyahabo Mabeba
Abahlali base-Rebone RDP Section ngase-Steiloop e-Limpopo bebazi ukuthi kuba nothuthuva njalo uma uJohn Mojela evakashele intombi yakhe uJohanna Mangatane.
Nangempela ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-28, efika ngemuva kwemini yangoMgqibelo, omakhelwane endaweni yase-Ga-Tauatswala bezwe umsindo omkhulu nezinhlamba.
Besekuqale ingxabano enodlame.
Kusolakala ukuthi uJohanna oneminyaka engu-23, kanye nomama wakhe uGrace Mangatane bahlanganyele uMojela, bamhlula ngamandla, bamklinya waze washona.
Omakhelwane bathi bebesaba ukungenelela kwaze kwaba amalungu omphakathi ayaqoqana aba iqulu aya endlini ukuyoziphindiselela ngokubulawa kukaMojela.
Ngemuva kokufica isidumbu sakhe sidindilizile egcekeni, isixuku sabantu siye sahlasela uJohanna noGrace ngezikhali ezihlukahlukene.
UJohanna wakwazi ukubaleka endaweni yesigameko nezingane zakubo kodwa uGrace akazange abe nenhlanhla efanayo. Uye wabanjwa wabulawa isixuku ebesiziphindiselela.
Isixuku siqhubeke sashisa nendlu ngaphambi kokuhlakazeka.
Ngesikhathi amaphoyisa ase-Gilead efika endaweni yesigameko athole abantu ababili beshonile ezindaweni ezihlukene egcekeni elilodwa.
Isihlobo somndeni wakwaMangatane sithe sekunesikhathi eside bebikezela ngale nhlekelele.
Bekhuluma bengafuni ukuthi kudalulwe amagama abo ngenxa yokusabela izimpilo zabo, bathe bebazi ukuthi alukho uthando phakathi kukaGrace nomkhwenyana wakwakhe.
“Bekubonakala sengathi uGrace akakaze alithande isoka lendodakazi yakhe. Njalo uma lezi zithandani ziba nokungaboni ngaso linye, umama ubegxambukela ezindabeni zabo bese ethatha uhlangothi lwendodakazi yakhe,” basho kanje.
“Impi yangoMgqibelo bekungeyona eyokuqala. Bebehlezi belwa bobathathu kodwa besingabanaki. Asazi ngempela ukuthi bebebangani kulokhu”.
Amaphoyisa esifunda sase-Waterberg abiziwe kwaboshwa abasolwa abayisishiyagalolunye abaneminyaka ephakathi kuka 27 no-78 ngalolo suku.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant General Thembi Hadebe uthe amaphoyisa azowathathela izinyathelo amalungu omphakathi athinteka kulesi sehlakalo.
UJohanna uvele enkantolo ngoMsombuluko ebhekene necala lokubulala, kanti amalungu omphakathi ayisishiyagalolunye abhekene necala elifanayo lokubulala uGrace.
Ababoshiwe bagcinwe esitokisini.