Lubhalwe nguMichael Madyira
Ngemuva kwamasonto anzima ingenzi kahle, iMamelodi Sundowns izobe izimisele ngokuvusa uhlevane emdlalweni wayo uma isibhekene ne-Esperance ngo-9 ebusuku ngoMgqibelo.
ISundowns izotholana phezulu ne-Blood and Gold emdlalweni owandulela owamanqamu we-CAF Champions League, okuwumlenze wokuqala e-Stade Olympique Hammadi Agrebi e-Tunisia.
Bafike e-Rades ngemuva kwamasonto bengekho efomini yabo ejwayelekile ngemuva kwemiphumela engemihle.
Imidlalo yakamuva isidwebe isithombe sokuthi iSundowns ayizethembi futhi izifaka engozini, ikakhulukazi ngemuva kokufinyelela kulesi sigaba esinzima kakhulu se-Champions League.
Isihlabani seSundowns, uThapelo Morena ukhulume ngamaqhinga ngesikhathi echaza kabanzi ukuthi bayihlelela kanjani i-Esperance.
“Imizuzu embalwa yokuqala bazoza kithina ngamandla ngoba badlalela ekhaya,” kusho uMorena etshela abezindaba zeSundowns.
“Bazodlalela kakhulu ezinhlangothini njengoba bedlala kanjalo. Lokho sikubonile ngesikhathi sidlala ne-Tunisia ku-Afcon ngesikhathi iBafana ishaya iqembu lesizwe elinabadlali be-Esperance.
“Okubaluleke kakhulu kithina ukuzama ukuvala ezinhlangothini bese sibaphoqa ukuthi bangene phakathi lapho esinamandla khona.”
ISundowns ne-Esperance bagcine ukuhlangana ngo-2017 esigabeni samaqoqo omqhudelwano ofanayo lapho ezaseTunisia zanqoba khona ngo 2-1 ePitoli kwathi omunye umdlalo waphela ngo 0-0 kuleliya zwe elisenyakatho ne-Afrika.
Umdlali wasemuva we-Blood and Gold uYassine Meriah ugcizelele ukubaluleka kokuhola ngendlela enempilo ngaphambi komlenze wesibili ozoba ngesonto elizayo e-Tshwane.
“I-Esperance izodlala umdlalo ngendlela enengqondo futhi izozama ukuthatha isinqumo emlenzeni wokuqala wokudlulela kuleli iziphethe kahle,” kusho uMeriah etshela i-Radio Mosaique ngokusho kwe-Kooora.
“Abadlali be-Esperance abacabangi ngeNdebe yoMhlaba yamaqembu yango-2025 futhi bagxile ekubhekaneni neSundowns kuphela nokufinyelela kowamanqamu we-CAF Champions League.”
Okungase kunikeze iSundowns ukuzethemba ukuthi i-Esperance nayo ingene kowandulela owamanqamu.
NjengeSundowns, leli elaseTunisia lingene ngokunyonyoba kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenalthi kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0 ne-Asec Mimosas.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns.
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns