Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Izisulu zobugebengu zijikisiwe esiteshini saKwa-Thema ngenxa yokuthi amaphoyisa ayengenalo iphepha lokubhalisa amacala azo.
- Isakhamuzi sendawo sithi umsolwa owasabisa umndeni waso uzihambela nje ngaphandle njengoba amaphoyisa edonsa kanzima.
Amaphoyisa esesiteshini saKwa-Thema Ekurhuleni kudingeke ukuthi ajikise izisulu zobugebengu ngempelasonto – ngoba eswele amaphepha okubhalisa amacala abo.
Lesi siteshi esinezinkinga sineveni yamaphoyisa eyodwa kuphela esebenzayo ngesikhathi amanye amabili ehleli endaweni yokupaka engasetshenzisiwe.
Lesi yisona siteshi esisanda kuthola izimoto ezintsha kuNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi ukuze abonakale esebenza amaphoyisa. Sinomlando wezinkinga, okuhlanganisa isakhiwo esiwayo kanye nezitokisi ezivaliwe.
ULindiwe Mhlongo waya esiteshini ukuyolandela udaba olumayelana nomlisa owagqekeza emzini wakhe mhlaka-10 kuMasingana wasabisa umndeni wakhe.
“Salivula icala lokugqekezwa kwendlu ngalolo suku kodwa kuze kube yimanje umsolwa akakaboshwa uyazichanasela emigwaqeni yaKwa-Thema.
“Sisamile kulayini, sezwa elinye lamaphoyisa lithi lifaka izigxivizo kuphela futhi abakwazi ukubhalisa amacala,” usho kanje.
Ngesikhathi ebuza ukuthi kungani, iphoyisa lamtshela ukuthi abanazo izincwadi zokubhalisa amacala.
“Amaphoyisa athe asehlulekile mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi kungenelele umphakathi.
“Silinde iveni yamaphoyisa nathi kwadingeka ukuthi sishayele amaphoyisa asebenzisa imoto ukuthi eze esiteshini azosisiza, asikho isiteshi samaphoyisa KwaThema kodwa kunespaza esidonsa kanzima. Laba bantu bayasiphoxa njengomphakathi,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uConstable Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi baphelelwe amaphepha.
“Iphepha kungenzeka ukuthi laphela ngesikhathi ummangali efika esiteshini ezofaka isikhalo sakhe. Amahhovisi okugcinwa kuwo iphepha ayavalwa ngezimpelasonto,” usho kanje.
NgoLwezi ngo-2023, amalungu ezinhlangano zezenkolo Ekurhuleni engeza amazwi awo esicelweni sokuthi kube nohlaka olusha oluzogcina Isiteshi Samaphoyisa Kwa-Thema.
IScrolla.Africa yabe isebheka ngaphakathi esiteshini samaphoyisa esiwayo.
Ngonyaka odlule ngoMfumfu, iLungu lePhalamende le-ActionSA kanye nelungu lesigungu samaphoyisa ePhalamende uDereleen James lacela ukuba sivalwe kuze kube kutholakala isixazululo.
Ngemuva kwenyanga ungqongqoshe wamaphoyisa wathi uzongenelela ukulungisa lesi siteshi saKwa-Thema emuva kokuthi kuthiwe asiphephile eminyakeni engu-14 edlule kodwa asikaze silungiswe noma sishintshwe.
Isithombe esingenhla:Isiteshi samaphoyisa saKwa-Thema .
Umthombo: Doreen Mokgolo