Lubhalwe nguRazeen Gutta
Njengoba isiphelile isizini ye-Indian Premier League kube umdlali ophume isibili uShubman Gill obezohlomula ngemiklomelo.
Yize bekumnandi ukubuka intandokazi yekhilikithi yase-India, kodwa umhlaba ubumangele ngoMahendra Singh Dhoni kanye nompetha bakhe i-Chennai Super Kings abaphakamise indondo yegolide okwesihlanu.
Uhlelo luka-16 lweligi ethandwa kakhulu yekhilikithi lufike emaphethelweni ngemuva komdlalo wamanqamu othokozisayo e-Ahmedabad, ngesikhathi abadlali abagqoka umbala ophuzi benqobe kunemvula nobunzima bokuwela umugqa.
Wonke amaqhawe ezinyanga ezimbili zemidlalo yekhilikithi azikhombisile kowamanqamu, uGill uthole umklomelo obaluleke kunawo wonke wesizini, umklomelo wokushintsha umdlalo wesizini kanye nendondo yekepisi eliwolintshi ngokuthola ama-run angu-890 okuyiwo amaningi kakhulu kumqhudelwano.
Abadlali be-Gujarat abathole umklomelo wekepisi eli-purple uMohammed Shami othole amawikhethi angu-28 okuyiwona amaningi kwathi uRashid Khan wathola umklomelo wokuba umdlali obambe amabhola amaningi kulesizini.
Yize bekuyisizini enzima kuma-Delhi Capitals, i-Royal Challengers Bangalore kanye ne-Rajasthan Royals abaphinde behluleka ukwenza ama-playoffs yize bekukuningi okuhle kule sizini.
I-Delhi iwine umklomelo we-fair play kwathi uFaf du Plessis wahamba nomklomelo we-longest six yamabhola ahambe amamitha angu-115 kanti uGlenn Maxwell uwine umklomelo womgadli ovelele.
UYashasvi Jaiswal ubengumdlali osafufusa wesizini kanti lo mdlali oneminyaka engu-21 ushaye ama-run angu-625 ngenani elingu-164.
Okulandelayo kwikhalenda lekhilikithi, umdlalo we-India ibhekene ne-Australia kowamanqamu we-ICC World Test Championship e-London ngenyanga ezayo.
Isithombe esingenhla: I-Chennai Super Kings
Umthombo wesithombe: @ChennaiIPL