Isimanga eshada nabesifazane abayishumi ngesikhathi esisodwa

Usaziwayo wase-New York u-Emmanuel Lustin odalule ezokuthi ushade nabesifazane abayishumi ngesikhathi esisodwa uthole ukubukwa okungaphezulu kuka-581,000 ku-TikTok.

Le vidiyo ikhombisa umcimbi osolwandle omakoti abayisishiyagalolunye begqoke izingubo zangaphansi ezimhlophe qhwa bezungeze umkhwenyana wabo omunye umakoti ehlezi emathangeni akhe beqabulana ngaphansi kwe-gazebo.

ULustin (28) uchaze lobu budlelwano ngokuthi buhlanganisa “izilimi eziningi, abantu abaningi kanye nabantu abahle abaningi”, kodwa uthe into eyodwa bonke ababelana ngayo uthando nomoya omuhle.

Umshado wenzekr endaweni ethile engadalulwanga kodwa akusikho e-New York lapho abahlala khona.

ULustin owaziwa ngokuthumela imilayezo evusa inkanuko ezinkundleni ezifana ne-OnlyFans, i-TikTok, i-Twitter kanye no-Instagram ungumbhucungi womzimba ozinze e-Queens, e-New York.

Okunye okuqukethwe akwenzayo kumveza ejabulisa amakhasimende akhe noma amakhosikazi akhe ngaphakathi endlini yakhe.

Engxoxweni ye-podcast uLustin uzwakalise ukuthanda ukuthumela imilayezo evusa inkanuko egcizelela ukuthi uhlose ukukhombisa abesifazane okubafanele nokuthi beza kuqala emsebenzini wakhe.

Selokhu eshadelwe uLustin wabelane ngamavidiyo amakhosikazi akhe ewabhucunga futhi esezindaweni zobumnandi.

Lesi siqeshana sishiye abantu abaningi bezibuza ukuthi ngabe uLustin ubabhucunge kangaki abesifazane abayishumi ashade nabo ngesikhathi abanye bencokola bethi bazabalaza ukuba nomlingani oyedwa kuphela.

Yize abanye belithakasela ikhono likaLustin lokuba namakhosikazi amahle abanye bancokole bathi “unakho konke okumnandi.”

Phakathi kwamahlaya abanye abantu bebencokola becela ukuba nomlingani wabo bodwa.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: ULustin namakhosikazi akhe ayishumi

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva