Isilo sishiye dengwane ukaMyeni esiShayamthetho engenamoto siphuthuma ingoduso yaso

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo simshiye dengwane encela izithupha uNdlunkulu uNomzamo kaMyeni wasesigodlweni eMachobeni futhi engenamoto yokumubuyisela ekhaya ngesikhathi kunenkulumo yesiFundazwe kaNdunankulu waseKZN uThami Ntuli.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi sekuhleliwe etendeni lezicukuthwano lesidlo sokwehlisa inkulumo kaNtuli ebisenkundleni yebhola loMbhoxo i-Woodburn eMgungundlovu.

Imithombo yaseNdlunkulu ihlebele i-Scrolla.Africa ukuthi uNdlunkulu ukaMyeni uhlale etafuleni lokudla ezitshela ukuthi iSilo siyabuya ngemuva kokuphuma kodwa kuze kwaphela ihora singasabonwa nangokhalo.

“Ingonyama iphume esidlweni yaya ezimotweni zayo. Ifike yalinda kancane izitshela ukuthi uNdlunkulu uyalandela kodwa yacasuka yathi iyabona ukuthi usezenza iNkosi, yavele yathi izimoto azihambe.

Okubuhlungu ukuthi uNdlunkulu ubengenamoto kodwa ubevele efike naso iSilo.

Kuthe ngemuva kwehora iSilo sihambile.

Safonelwa kodwa sathi sona kade sihambile sibheke esigodlweni saso eMashobeni kwaNongoma,,” kusho umthombo.

Udalule ukuthi kuze kwazanywa imizamo kucelelwa uNdlunkulu wagingqelwa isithupha ukuze bamuhambise oPhongolo okuyilapho esehlala khona.

Imithombo idalula ukuthi konke lokhu kwenzeka kanje ngenxa yokuthi iSilo asisayizwa kahle indaba kaMyeni futhi sesizame nokuthi aphucwe izimoto zikaHulumeni ezimbili ahlinzekwe ngazo.

“Lezi zimoto ubengahambi ngazo kodwa ubehamba ngezeNgonyama kusuka ngoLwesine kuvulwa isiShayamthetho ngoba abaqaphi baso iSilo basithatha bayosilalisa kuye oPhongola ngoLwesithathu nokwenza ukuthi sivuke naye kuyiwe eMgungundlovu nangoLwesihlanu behamba ngemoto eyodwa yeNgonyama. Kuthe ngoLwesihlanu iNgonyama yazibuyelela kwingoduso yayo entsha ukaMdluli ezinze esigodlweni saseMashobeni kwaNongoma,” kuchaza omunye umthombo.

Abanye basendlunkulu bathi ukusala kukaNdlunkulu ukaMyeni kubuye kwadalwa abasebenza ehhovisi leSilo elingaphansi koMnyango kaNdunankulu wesiFundazwe abaphambanise uhlelo olulawula ukuthi uma iNgonyama iphuma isihamba uNdlunkulu kumele abikelwe alandele ngemuva.

UkaMyeni kuthiwa usesishiyile isigodlo saseMachobeni ngoba esaba ukubuyela ekhaya ngemuva kokuba iSilo sihoxise umshado wabo.

Kunalokho usehlala oPhongolo lapho obekuhlala khona uNdlunkulu omdala uNtokozo kaMayisela.

Nakhona oPhongolo kuthiwa iSilo asilubhadi kodwa sizihlalela nengoduso yaso uNksz Sihle Mdluli eMashobeni kwaNongoma.

OPhongolo sizesaya ngoba sesithathwa abaqaphi ukuze silale khona bese sivukela eMgungundlovu esiShayamthetho.

Imizamo yokuthola ukaMyeni nabehhovisi leSilo iphunzile.

Izihloko zakamuva